Uhlelo lokuzivocavoca eMbali

2018-12-05 06:00
Amalunga omphakathi ezivocavoca ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo ngokusemthethweni.PHOTO: sithunyelwe

Amalunga omphakathi ezivocavoca ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo ngokusemthethweni.PHOTO: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBALI Active Studios yethule ngokusemthethweni uhlelo lwayo lokuzivocavoca kwinxanxathela yezitolo i-Greater Edendale Mall ngoMgqibelo mhla zingama-24 kuLwezi (November).

Inhloso yalolu hlelo ukufundisa kanye nokukhuthaza abantu ukuba bahleli bephila kahle ngaso sonke isikhathi.

Ngokusho kukaNks Snethemba Dlamini we-Imbali Studios uthe lolu hlelo lwaqala ngenyanga kaNcwaba (May) kulonyaka kodwa baze balwethula ngokusemthethweni ngempelasonto.

“Njengoba kade silwethula besingagxilile nje kuphela ekuzivocavoceni kodwa besinabantu futhi akade befundisa umphakathi ngokubaluleka kokudla ukudla okuyikona bangagcini nje kuphela ngokuthi bayazivocavica ekubeni bedla ukudla okungafaka impilo yabo engcupheni yokuthi bagcine sebethola izifo ezifana no-BP.

“Into esiyenzayo thina ukuthi siyahlangana njalo kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine kusukela ngehora lokugamanxa kwehora lesine ntambama kuya kwihora lesithupha (4.30pm -6pm) esikoleni samabanga aphansi iSinamuva Primary School eMbali Unit 3. Umuntu ngayedwa ukhokha imali engu-R50 ngenyanga nesetshenziselwa ukuba sikhokhele izindleko zikagesi njengoba sisebenzisa ugesi wesikole,” kubeka yena.

Uthe ngesikhathi beqala baqala ngabantu abali-14 kuphela kodwa manje sebengama-47 nokukhombisa okukhulu ukukhula kanti futhi basanethemba lokuthi basazobathola abanye abantu abazofika bazojoyina ukuze bahlale bephilile.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.