Uhlomule ngendondo umphathi womsakazo

2018-04-04 06:02

UMPHATHI wesiteshi somphakathi uMgungundlovu FM uMnu Muzi Sibiya uthi ubengazi ukuthi umsebenzi wakhe awenzayo ungaze uholele ekutheni ahlonyiliswe ngendondo.

UMnu Sibiya ukusho loku ngemuva kokuba ehlonishwe ngendondo i-Pioneer Award emcimbini wezindondo obowenziwe i-South African Broadcasting Awards ngokuhlanganyela ne-National Community Radio Forum obubanjelwe eLangeni Hotel eThekwini mhla zili-13 kuNdasa (March).

Ekhuluma nentatheli ye-Echo uMnu Sibiya uthe uzizwa ejabule kakhulu ukuthi kukhona abantu abawubonayo umsebenzi awenzayo.

“Mina ngisuke ngizenzela umsebenzi nokuyinto vele ekumele ngiyenze ayi ngoba ngisuke ngibheke ukuhlomula ngaloko, kodwa kuyangithokozisa kakhulu loku okwenzekile. Le ndondo akusiyona nje eyami kuphela kodwa eyomphakathi waseMgungundlovu wonkana ngoba ukube bewungekho wona konke lokhu bekungeke kwenzeka. Ukusebenza kwalomsakazo wabo bekungeke kube impumelelo ngaphandle kokuweseka kwabo.

“Lokhu kusinikeza ugqozu olukhulu njengomsakazo ukuba sisebenze kakhulu siqhubekele phambili sisebenzele umphakathi wethu waseMgungundlovu. Ngibajabulele kakhulu abantu baseMgungundlovu ngalendondo ngoba ingeyabo akusiyona eyami,” kubeka yena.

Uqhube wathi uyafisa sengathi umphakathi ungaqhubeka ubeseke ukuthi bezokwazi ukuqhubekela phambili. “Ukuqalwa kwalesi siteshi kwakungukuthi senzelwa umphakathi ingako ke sizimisele ukwenza noma yini ukuqinisekisa ukuthi sisaqhubeka nokusebenzela umphakathi wethu,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.