Uhlonishwe ngendondo yokusebenza kanzima

2018-12-19 06:01
Zah Nthloro.ISITHOMBE: sithunyelwe

Zah Nthloro.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIFAZANE ongowokuzalwa e-Edendale kodwa osezinze endaweni yase-Richards Bay uthi uzizwa ethobekile kakhulu ngemuva kokuzuza indondo yokusebenza kanzima ebizwa ngokuthi yi-Hustlers Award.

UNkk Zah Nthloro (37) uhlomule ngale ndondo emcimbini wezindondo owaziwa ngokuthi yi-035 Awards nokade ubanjelwe eZululand ngasekuqaleni kwale nyanga uZibandlela (December).

Exoxa ne-Echo UNkk Nthloro, nongumculi wokholo, uthe ujabulile kakhulu kanti futhi uzizwa ethobekile kakhulu ngokuthi ahlomule ngale ndondo.

“Isho lukhulu kumina, ikakhulukazi njengoba umuntu kade ewina ngokuvotelwa abantu. Ukwesekwa engikutholile kubona bonke abantu esifundazweni saKwaZulu-Natali kuyangijabulisa kakhulu futhi ngithanda nokubabonga. Ngisebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukusiza imiphakathi yethu ikakhulukazi emasontweni.

“Ngaphandle kwalokho ngiphinde ngibe wumsakazi wesiteshi somphakathi i-Rose FM eseMtubatuba nalapho nginohlelo lwami lwezenkolo njalo ngeSonto ekuseni phakathi kokugamanxa kwehora lesithupha ekuseni kuze kugamanxe ihora lesishiyagalolunye (6.30 am-9.30 am). Uhlelo lami lethiwe ngokuthi yi-The Heart of Worship nokuyisihloko se-album yami yokuqala kodwa okwamanje ngisathathe ikhefu njengoba kade ngimatasa nezifundo zami. Ngaphandle kwalokho ngiphinde ngifundise abantu ngokudumisa uNkulunkulu,” kubeka yena.

Uthe bekungokokuqala ukuba abe yingxenye yomncintiswano walezi zindondo kanti ukuqokwa nje kukodwa bekusho lukhulu kuyena.

“Ukuqala kwami ukwazi ukuthi ngizoba yingxenye kungesikhathi ngithola ucingo oluphuma kumsunguli wazo lezi zindondo engibuza ukuthi kungani ngingangeneli ngoba ngenza umsebenzi omuhle futhi oncomekayo emphakathini. Ngavele ngangazi nami ukuthi ngithini, wabe esengitshela ukuthi nami ngiqokiwe. Ngiyakholelwa ekutheni yonke into eyenzakalayo manje kungumusa kaNkulunkulu kanti futhi ngithanda ukukhuthaza nabanye ukuba baqhubeke basebenze kanzima ukwenza ushintsho emphakathini.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.