Ukhala ngendawo yokufihla ikhanda ona 82

2016-07-20 06:00
PHOTO:nokuthula khanyile Umkhulu uJohan Shangase othi sekuphele iminyaka elinde indlu yomxhaso.

PHOTO:nokuthula khanyile Umkhulu uJohan Shangase othi sekuphele iminyaka elinde indlu yomxhaso.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMUNCU impilo kumkhulu uJohan Shangase (82), wakwaMpumuza eShayamoya, othi wathenjiswa indlu yomxhaso eminyakeni emihlanu eyedlule kodwa namanje angakayakhelwa.

Kumanje umkhulu wakhe ikoyi eceleni komgwaqo kuyona lendawo kanti uthi usabela impilo yakhe njengoba indawo akhe kuyo ibucayi.

“Ngapatanisa ngathenga othayela ngemali yempesheni ngabe sengicela umfana ukuba angixhumele ikoyi ukuze nami ngibe nendawo yokufihla ikhanda. Kodwa nalo lelikoyi engikhosele kulo lingena amakhaza njengoba kusebusika nezimvula nazo ziyangena futhi kusemgwaqweni ngike ngisabe ukuthi izimoto zingaphaphalaza zilishayise ngiphakathi,” kusho yena.

Uqhube wathi nabafana abasuke bedle amanzi amponjwana badlula bashaye indlu yakhe ngamatshe ebusuku.

“Lendlu engihlala kuyona ayikho sesimweni esilungele umuntu omdala , ayinawo ugesi futhi namanzi awekho. Nabafana abasuke bezidlele amanzi amponjwana abadlula ngendlela bajikijela amatshe ebusuku ngilele.”

Uthe okubuhlungu ukuthi bonke omakhelwane akhelene nabo banemixhaso emagcekeni abo, “Sengizame konke manje, ngaya eminyangweni kahulumeni eyahlukene, ngakhuluma nekhansela nezinduna kodwa akulungi, ikhansela livele lingibuze inamba engabhalisa ngayo nengingasayazi ngoba neminyaka isihambile.”

“Isimo siyadabukisa ngoba ngizalelwe lapha ngakhulela lapha kodwa namanje anginayo indawo yokulala, imizi itholwa ngabantu abafike manje,” kusho yena.

Uthe ngesikhathi ebhalisa bathi indawo akhe kuyona yimbi kufanele athole enye entsha.

Obezama ukwakhela umkhulu indlu kodwa ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe, uthe bazamile ukumakhela umxhaso ngamandla abo ngoba bebona isimo sakhe kodwa nakhona bahlangabezana nezinkinga.

“Umkhulu bese simtholele indawo lapho besesimakhela khona umxhaso. Lendawo ubeyinikwe omunye ubaba wakhona endaweni kodwa sizibone sesimiswa amaphoyisa nakhona kwathiwa singabe sisaqhubeka nokwakha ngoba indawo yomunye umuntu.

“Okubi ukuthi nangapha endlini yakhe yomxhaso ayikho inqubekela phambili ngoba akucaci ukuthi uyoyithola nini.”

Ikhansela ku-ward 1 u-Amos Mbanjwa lithe belingakaze libikelwe ngaloludaba phambilini,

“Ngingathanda ukuthi ngixhumane naye umkhulu ngibone ukuthi angasizakala kanjani ngoba uma kungukuthi inamba leyo edingekayo usayilahla singakwazi ukusebenzisa inamba yakhe kamazisi ukubheka ukuthi wayebhalise nini.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.