Ukhala ngendlu owase Elandskop

2017-10-25 06:00
Isithombe: SithunyelweIndlu kaNksz Bhengu.

Isithombe: SithunyelweIndlu kaNksz Bhengu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UZANDILE Bhengu oneminyaka engu-24 ohlala e-Elandskop uthe sekuphele iminyaka ezama ukulungisa udaba lokuthola indlu yomxhaso kahulumeni njengoba indlu ahlala kuyona kumanje ingekho esimeni esihle.

Uthe njengoba bekukhona izimvula ezinamandla izindonga zendlu ahlala kuyona ziwile kanti bekungena namanzi.

“Ngidinga umuntu ongakwazi ukungisiza njengabo nginenkinga yendlu engiwelayo, ngiyintombazane ehlala yodwa ekhaya bengihlala nogogo nomkhulu kodwa sebadlula emhlabeni ngagcina ngihlala ngedwa kwafanele ukuthi ngizizamele manje inkinga ukuthi indlu engihlala kuyona isindala isiyawa ingena ngisho amanzi.

Ngake ngahamba ngayobika kwikhansela langasekhaya ku-wadi 39 kodwa kwaba sengathi lizongilungisela kodwa azange kulunge kuze kube yimanje,” kusho uBhengu.

Uthe sekuzophela unyaka wesithathu ebhekene nalenkinga ethi uzama ukuthola usizo kubaholi bomphakathi kodwa kungalungi lutho.

“Angisakwazi nokulala kahle ebusuku, sekuphele iminyaka emithathu ngihlala kulendlu ngigqigqa amakhasela kodwa ngingasizakali angisazi ngenzenjani,” kusho uBhengu.

Uthe isimo sendlu ahlala kuyona simuphoqe ukuthi acele ukufihla ikhanda kubabekazi wakhe.

“Ngisaba ukuthi abantu sebezokwazi ukungena kalula kanti nemali engiyitholaya la engitohoza khona angikwazi ngisho ukuvusa indlu enamagumbi amabili ngendlela encane ngayo,” kusho yena.

Uqhube wathi umalume wakhe wake wazama ukumubhalisela indlu yomxhaso kodwa emuva kokuthi umalume esedlule emhlabeni wathola ukuthi imizamo kamalume wakhe ayizange ibe yimpumelelo.

“Emva kokuthola ukuthi isicelo sikamalume asizange sibe yimpumelelo ngaphinde ngafaka esinye isicelo kodwa ngatshelwa ukuthi kumele ngibe nengane kodwa mina anginayo ingane,” kusho uBhengu.

Uthe ngenkathi kunetha izimvula ezinamandla emasontweni adlule indlu yakubo iwelwe amagumbi amabili kodwa ngenhlahla akalimalanga kuleso sigameko.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.