Ukhala ngenkampani eyakha izindlu owase-Sweetwaters

2018-05-30 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNkk Nokzola Madolwane okhala ngenkampani eyakha izindlu embe umgodi emzini wakhe yaqede yawushiya kanjalo.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNkk Nokzola Madolwane okhala ngenkampani eyakha izindlu embe umgodi emzini wakhe yaqede yawushiya kanjalo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“NGIFUNA baqhubeke bangakhele umxhaso noma babuye bazovala lo mgodi abawumbe la bese belungisa indlela engena kwami le abayimoshile.”

Lawa ngamazwi kaNkk Nokzola Madolwane (35) waseMkangala e-Sweetwaters okhala ngenkampani eyakha izindlu i-VDA kule ndawo othe bafike emzini wakhe bamba umgodi omkhulu baqede bashiya kanjalo bese bemutshela ukuthi indawo abambe kuyona ayiphasanga ukuthi kwakhiwe indlu kuyo.

Elandisa i-Echo uNkk Madolwane uthe le nkampani yafika emzini wakhe ngenyanga ka-Ncwaba (October) ngonyaka owedlule bamba umgodi omkhulu bashiya kanjalo.

Uthe uma ebabuza ukuthi kungani befike bamba baqede bashiya kanjalo, bamutshela ukuthi indawo ayizange iphase ukuthi kungakhiwa kuyona indlu yomxhaso.

Uthe: “Babengakuboni ngani konke lokho ukuthi indawo ayiphasanga ngaphambi kokuba bambe njengoba sebengimoshele kangaka la kwami?

“Bawisa ucingo lwami engangibiye ngalo umuzi wasala ukhamisile awunalo ngisho isango.

“Indlela yokungena kwami yavaleka nendlu yami yodaka enamagumbi amabili isilengele kulo mgodi abawumba.

“Lendlu yodaka izowa uma kufika izimvula ezinkulu .

“Angazi bathi angenze njani ngempela njengoba bemoshe kanje.

“Ngihlala nabantu abathathu abanesifo sokudlikiza kanye nezingane ezincane, encane kunazo zonke ineminyaka emithathu. Kuzokwenzekani uma kungukuthi bavukwa ukugula bese bewela kulo mgodi noma izingane zithi ziyadlala bese ziwele kuwona?

“Sebephendule umuzi wami waba yingozi ngendlela eyisimanga.

“Sesize saphoqeleka ukuba siphinde sizivulele thina indlela encane kodwa nayo iyingozi iyashibilika kangangokuba sekuze kwaphuka umuntu ethi uhamba kuyona. Nami sekukaningi ngiwa kuyona ngoba yimbi iyashibilika.

“Kuyimanje idolo lami livuvukele linomaka ngiwe khona kule ndlela,” kubeka yena.

UNkk Madolwane uthi akafuni okuningi kule nkampani ufuna ukuthi iqhubeke nokwakha umxhaso uma kungukuthi bayahluleka ukwenza kulokho kumele babuyisele umuzi wakhe ngendlela obungayo bavale umgodi abawumbile.

“Uma behluleka kumele belungise lento abayenze la ngiqhubeke ngizizamele mina ukwakha indlu esezingeni ngoba vele bafike ngizizamela.

“Ngikhathele ukulokhu ngilandelana nabo ngibafonela ngimosha ne-airtime yami ekubeni ngingalutholi usizo.

“Sebengitshela ukuthi bazongilethela unjiniyela okunguyena othe indawo ayikulungele ukuthi kungakhiwa kuyona indlu.

“Ngihlanganaphi mina manje nonjiniyela ngoba into engiyifunayo ukuthi balungise lento,” kusho uNkk Madolwane obevutha bhe intikuthelo.

Imizamo yokuthola le nkampani yonke ibhuntshile njengoba omunye wabo ongathandanga ukuzidalula igama ethe abavumelekile ukukhuluma nabezindaba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.