Ukhala ngokuhlukunyezwa amaphoyisa

2017-11-29 06:00
Isithombe: SithunyelweUMzobanzi Nxasa wase Ashdown uthe ukuboshwa ngezibopho zamaphoyisa kumushiye nalezingozi ezingalweni zakhe.

Isithombe: SithunyelweUMzobanzi Nxasa wase Ashdown uthe ukuboshwa ngezibopho zamaphoyisa kumushiye nalezingozi ezingalweni zakhe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMZOBANZI Nxasa wase Ashdown ukhala ngokuhlukunyezwa amaphoyisa ngeledlule.

Uthe ngoMsombuluko odlule, mhlaziyi 14 kuNovemba, kufike amaphoyisa ekhaya lakhe e-Ashdown efuna yena yize lingekho icala alenzile noma asolwa kulona.

“Bafike ekhaya ngabo 4pm bangibuza ku mama emuva kwalokho badlulela kwisakhiwo esingaphandle, ngemuva kwendlu yasekhaya la ebengihlezi khona nesivakashi,” kusho uNxasa.

Uthe umuva kwalokho amaphoyisa angene kulendlu abehlezi kuyona engangqongqozanga afica yena nesivakashi sakhe.

Uthe: “Kukhona amaphoyisa abekade evimbe umama endlini enkulu, elinye livimbele isivakashi sami ngasodongweni ngenkathi amanye ematasa ngokushaya mina.

Ngithe uma ngibuza ukuthi ngishayelwani elinye iphoyisa livele langibopha ngezibopho zekhebula,” kusho yena.

Uqhube wathi nesivakashi sakhe naso sishayiwe ngenkathi sithi siyabuza ukuthi uNxasa ushayelwani.

“Kukhona elize lasithuka ngenhlamba isivakashi sami,” kusho uNxasa.

Uqhube wathi amaphoyisa abesemholela emotweni ebehamba ngayo.

“Abehamba nge-Quantum ebinganawo ama-number plates kodwa ibhalwe ukuthi POP kanti wona amaphoyisa abengawafakile ama-name tags,” kusho uNxasa.

Uthe phakathi emotweni yamaphoyisa ufakwe upulastiki ekhanda wabesefuthwa nge-pepper spray ngaphambi kokuthi imoto ishaye izule.

“Bengingazi ukuthi kuyiwaphi kodwa ngigcine ngiphelelwe amandla ngaquleka, ngithe ngivuka aphinde angishaya futhi amaphoyisa kodwa emuva kwalokho angibuyisela ekhaya ngabe sengiphuthuma esibhedla ngenxa yendlela ebengilimale ngayo,” kusho yena.

Uqhube wathi uthe ebuya esibhedlela wayovula icala emaphoyiseni ase Plessislaer. Okhulumela amaphoyisa ase Plessislaer, uKaputeni Musa Ntombela ukuqinisekisile ukuthi uNxasa uvulele amaphoyisa icala. “Icala elivuliwe elokushaya nokulimaza [phecelezi i-common assualt] kodwa akekho umuntu oboshiwe kumanje kanti uphenyo luyaqhubeka,” kusho uKaputeni Ntombela. s

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.