UKhongolose ukhala ngokushona kukaQashana KwaPata

2018-05-23 06:01
UMnuz Msawenkosi Qashana Mchunu (ngaphambili) ngesikhathi kunemashi yokulwisana nokudliwa kwezimali kuMasipala uMsunduzi ngenyanga eyedlule.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

UMnuz Msawenkosi Qashana Mchunu (ngaphambili) ngesikhathi kunemashi yokulwisana nokudliwa kwezimali kuMasipala uMsunduzi ngenyanga eyedlule.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa uthi baziphozele ekufikeni emsukeni wendaba yokubulawa kwalowo obeyisishoshovu se-ANC uMnuz Qashana Mchunu waKwaPata.

UMnuz Ramaphosa ukusho loku ngoMsombuluko mhla zili-14 kuNhlaba (May) ngesikhathi ekhuluma namalungu e-ANC abezokhalisa lo mndeni.

UMnuz Mchunu udutshulwe wabulawa ngentulwane yezinhlamvu abantu abangaziwa ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-11 kuNhlaba (May) ebusuku ngesikhathi engena esangweni lakubo.

Uphunthunyiswe esibhedlela i-Edendale nokuyilapho afike ashonela khona.

UMengameli uthe babuhlungu kakhulu ngesigameko sokubulawa kukaMnuz Mchunu wabe esethembisa ukuthi ngeke baphumule bengakatholi ukuthi ngubani obulale uMnuz Mchunu.

“Sifuna kuphele ukubulawa kwabaholi bethu manje. Izinga lokubulawa kwabo esifundazweni saKwaZulu-Natal selenyuke kakhulu. UMnuz Mchunu ungumuntu ka-11 osebulewe esiFundeni i-Moses Mabhida. Sekwanele asifuni kuphinde kubulawe muntu.

“Ngeke size sivumele ukuthi isifundazwe saKwaZulu-Natal sibe inkundla yokubulawa kwabaholi. Ngifuna uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele, abezokuvikela kanye nezokuphepha kwe-state bahlangane ngoMsombuluko ozayo mhla ka-21 kuNhlaba (May) bethole labantu ababulale uMnuz Mchunu.

“Ngifuna banginikeze umbiko ogcwele emva kwesonto wokuthi sebewutholile yini umkhondo ngalabo ababulele uMnuz Mchunu. Sifuna ukwazi ukuthi labaholi ababulawayo babulawa ubani. Sifuna kwenziwe uphenyo uluphuthumayo ngalesi sigameko. Labo abathintekayo kulesi sigameko kumele baboshwe babhekane nengalo yomthetho,” kubeka yena,

UMnuz Ramaphosa uthe uMnuz Mchunu ubengumuntu olwela ubumbano enhlanganweni ye-ANC, wabe esenxusa abantu ukuba babambane babe yimbumba enhlanganweni kaKhongolose.

Uthe: “Asisebenziseni igazi likaMnuz Mchunu ukwenza ubumbano kumele sibambisane ukuze siphokophele phambili. Asehliseni imimoya ukuze kuzotholwa labo abenze lokhu bezoboshwa.

“Sifuna ukwazi ukuthi ngobani laba abalwisana ne-ANC? Obani laba abangakufuni ukuthula kanye nobumbano? Labo abangakufuni ukuthula bazobanjwa baboshwe.

“Singangaba nemibono efanayo ngezinto ezithile kodwa kumele sisebenzisane ukuze sizothola iqiniso lonke ngalabantu abenze lokhu.

“Sizobathola abantu abenze lokhu ngisho bangahamba bayocasha kodwa sizobathola. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi lolu daba luyaphenyisiswa kuboshwe nalezi zigilamkhuba.”

UMnuz Mchunu ubengomunye wezishoshovu ebezihamba phambili ekulwisaneni nenkohlakalo.

Asisebenziseni igazi likaMnuz Mchunu ukwenza ubumbano kumele sibambisane ukuze siphokophele phambili. Asehliseni imimoya ukuze kuzotholwa labo.

Sifuna ukwazi ukuthi ngobani laba abalwisana ne-ANC? Obani laba abangakufuni ukuthula kanye nobumbano? Labo abangakufuni ukuthula bazobanjwa baboshwe abenze lokhu bezoboshwa

Sizobathola abantu abenze lokhu ngisho bangahamba bayocasha kodwa sizobathola.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.