Ukhuthaza inhlonipho oneminyaka eli-107

2019-08-21 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUgogo Agness Nkala oneminyaka engama-107.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUgogo Agness Nkala oneminyaka engama-107.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISAGUGA sasendaweni yase­Sweetwaters sithi ayikho into edlula ukuhlonipha abantu abadala, uzihloniphe wena, umhlaba kanye nokuthandaza uma ngabe ufuna ukuphila isikhathi eside.

UNkk Agness Zadezi Nkala kuthiwa nguyena isaguga esidala kunazo zonke endaweni yaseSweetwaters njengoba kade ehlanganisa iminyaka eli-107 ngenyanga kaMbasa (April).

Engxoxweni ekhethekile ne-Echo uNkk Nkala uthe wayehleli ethandaza njalo ukuthi iNkosi imgcine aze abe mdala, kodwa wayengacabangi ukuthi uzokhula aze adlule eminyakeni eyikhulu. Uthe njengoba esedlulile eminyakeni eyikhulu ucabanga ukuthi sekwanele.

“Kubalulekile ukuthi uthandaze ngoba nami ngikhule ngikuthandazela ukuthi ngifike kuleminyaka engikuyona manje.

“Kodwa indlela okwenzeka ngayo esikhathini samanje angiboni ukuthi baningi abantu abayokwazi ukuthi bafike eminyakeni engaphezu kwekhulu, kodwa into engingayisho nje ukuthi kumele bathandaze.

“Ngiyayijabulela impela iminyaka esenginayo kodwa kwesinye isikhathi ngibona sengathi seyiminingi kakhulu, ngoba bonke abantu engangikhula nabo nabaningi engibaziyo abasekho sebadlula emhlabeni sengisele ngedwa nje,” kusho yena.

UNkk Nkala uthe into ayikhumbulayo ngesikhathi esakhula eyintombazane ukulusa izinkomo kanye nokuyotheza izinkuni ehlathini.

“Nakuba ngangiyintombazane ekhaya kwakunezinkomo engangizilusa. Into engangiyidlala namanye amantombazane amagende uma ngabe ngithola isikhathi,” kusho yena ehleka.

Indodakazi yakhe uNks Duza Nkala (58) uthe bazizwa bebusisekile ukuthi umama wabo usekwazi ukuhlala isikhathi eside kangaka.Uthe okuhle kakhulu ukuthi nakuba umama wakhe esemdala kangaka kodwa akanayo inkinga yezifo ezifana noshukela, okanye i-high blood pressure.

“Uma akawazi umtholampilo ukuthi uzomuzwa ethi uyagula okanye athi uphethwe ikhanda okanye athi kukhona ilunga lomzimba elibuhlungu, akukho lutho. Uyazidlela, uyazihambela ngisho eya endlini yangasese neyakhiwe ngaphandle. Uyazikhulumela nje futhi akanayo inkinga.

“Uma ngabe uhleli naye umuntu odlula ngendlela angaze azitshele ukuthi nihleli nibaningi ngendlela ahlekisa ngayo. Sibonga nje uNkulunkulu ukuthi asigcinile yena isikhathi eside kangaka. Lena inhlanhla engandele bani,” kubeka yena.

Uqhube wathi nakuba umama wakhe isihambile iminyaka akukho okuningi osekushintshile ngaye.

“Umama ubengumuntu ongayifuni into engalungile kanti namanje usanjalo. Abazukulu bakhe kanye nezizukulwane nje bayazi, ubathembisa induku manje uma ngabe sebephuma endleleni.”

Uthe nakuba bekujabulela ukuthi umama wabo usekhulile waba neminyaka eminingi kangaka bayasaba ukumenzela umgubho omkhulu.

“Kukhona umzukulu wami obeloku esho ukuthi bangathanda ukwenzela ugogo wabo umcimbi wokumbonga ngabenzele kona baphinde babungaze iminyaka yakhe aseyiphilile emhlabeni kodwa ngathi nje ayi abame kancane. Ngivele ngishaywe uvalo lokuthi ugogo usezovele asishiye uma ngabe sesibonga iminyaka yakhe.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.