Ukleliswe nosomabhizinisi abasebancane abenza kahle owaseMbali

2016-09-28 06:00
PHOTO:    supplied USabelo Thusi

PHOTO: supplied USabelo Thusi

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMAXWELL Sabelo Thusi waseMbali e-13 ukleliswe endaweni yamashumi amabili nanye eNingizimu Afrika kosomabhizinisi abasebancane abenza kahle.

UThusi (30) uthi yize inkampani yakhe i2cee Holdings and Traders yenza kahle udlule kokuningi ukufinyelela kulesigaba akuso manje. Inkampani yakhe i2cee Holdings and Traders ifundisa abantu ngokuphathwa kwezimali kanti losomabhizinisi ubuye aphakele ngolwazi lwezezimali kwi

Gagasi FM ohlelweni i-Consumer Affairs nalapho ecebisa khona abantu ngokuphatha imali nange zamabhizinisi.

UThusi ohlabene ngendondo ye-Best youth owned and managed business ku-Myezane BBEE awards ngenyanga ka-Ephreli uthi uthando lwezebhizinisi into akhule nayo.

“Ngikhule nginephupho lokusebenza ngezimali noma bengazi ukuthi ngeke kube uhambo olulula, ngenze izifundo ze Diploma kwi Accounting e-ICESA College ngonyaka ka2003 ngathola iziqu ngase ngisebenza emabhange amaningi namakhulu eNingizimu Africa.”

Utshele i-Maritzburg Echo ukuthi ziningi izingqinamba ake wabhekana nazo ohambeni lwakhe lokusungula ibhizinisi.

“Ngidlule kokuningi ngaphambi kokuthi ngifike kulesigaba eengikusona ngathuka ngabuya nganeno ngesikhathi ngizwa kuthiwa elinye lamaphephandaba azinze eGoli iSowetan liveza izibalo zakamuva kulonyaka zosomambizinisi abasebancane abenza kahle. Ukubona igama lami kuloluhlu kusho kukhulu kumina ngoba ngisebenza kanzima nangokuzikhandla,” kusho yena.

UThusi uthi washiya umsebenzi kwa-Old Mutual Finance ukuze asungule inkampani yakhe ngonyaka ka 2011.

“Kwakungesona isinqumo esilula. Ngangazi ukuthi kuzoqala kube nzima kepha amava ami okusebenza emabhange angisiza kakhulu ngakwazi ukufunda ngokuphathwa kwezimali nokuningi okuphathelene nezezimali nokwakukhulisa ibhizinisi lami.”

UThusi ukwenza kahle kwebhizinisi lakhe kuwumphumela wokusebenzisana kahle nabanye abantu.

Ngibonga abasebenzi esengikwaze ukubavulela amathuba omsebenzi abasebenza ngokuzikhandla ukuyisa ibhizinisi phambili”.

Uthe usenephupho lokuvula amahhovisi kuzo zonke izifundazwe.

“Engingakusho entsheni yase Ningizimu Africa kakhulukazi eyase Mgungundlovu ukuthi ayiyeke ukuvilapha kodwa isukume yakhe imisebenzi. Iningi intsha esethubeni elihle lokuba osomabhizinisi,” kusho yena.

UThusi uthe kulonyaka uzobe eyingigxenye yengqungquthela yosomabhizinisi abawu 48 ngaphansi kwe SAB Tholoane Program ezobe isingethwe eGoli.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.