Ukukhathazeka ngokusebenza kwamaphoyisa ase-Plessislaer

2019-02-20 06:02
isithombe: lethiwe makhanyaUDkt Blade Nzimande ngesikhathi evakashele ekhaya lakwaNdlela ngoMgqibelo.

isithombe: lethiwe makhanyaUDkt Blade Nzimande ngesikhathi evakashele ekhaya lakwaNdlela ngoMgqibelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNOBHALA Jikelele we-South African Communist Party (SACP) uDkt Blade Nzimande nomphinde abe nguNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uzwakalise ukukhathazeka ngokusebenza kwesiteshini samaphoyisa sasePlessislaer nathe udaba lwaso lufuna ukusukunyelwa.

UNzimande ukuveze loku ngoMgqibelo mhla ziyi-9 kuNhlolanja (February) nalapho kade evakashele khona umndeni wakaNdlela ezodlulisa khona amazwi enduduzo ngemuva kokuba umzukulu egwaze wabulala ugogo wakhe uNkk Judith Ndlela ngoLwesine olwedlule mhla ziyi-8 kuNhlolanja (February).

UNzimande ukusho lokhu ngemuva kokuba amalunga akulo mndeni eveze ukuthi azama ukuthinta amaphoyisa akulesi siteshi izikhathi eziningi ugogo engakashoni kodwa awazange afike.

“Kusiphatha kabi ukuthi amaphoyisa abizwa isikhathi eside kangaka kodwa angafiki. Ngizokulandelela-ke ukuthi loko kwakwenziwa yini. Ibihlungu indaba yalesi siteshi samaphoyisa ase-Plessislaer ngoba ngisho nangesikhathi sakudala sasingakwazi ukusebenza ngendlela efanele.

“Lesi siteshi nje siyihlazo kanti futhi sengike ngamthinta nomphathi wamaphoyisa uMnu Bheki Cele ngimazisa ngaso ngoba kuhleli kunezikhalazo ngendlela esisebenza ngayo.Kumele indaba yalesi siteshi ilungiswe,” kubeka yena.

Uqhube wathi into eyenzeke kulo mndeni ayithintanga nje wona kuphela kodwa ithinte umphakathi wonke kanye nezwe lonke.

“ Lento eyenzekile inika isithombe sengathi indawo yethu yakaDambuza ayiphilile kanti siyazama ngayo yonke indlela ukuyibeka esimeni esihle. Ayimnandi into efana nalena kanti umndeni sifuna wazi nje ukuthi akumele uzizwe uwodwa sinawo.

“Ukufa komuntu akumnandi ngisho kungathiwa kufika ngayiphi indlela kodwa loku kukagogo kunzima kakhulu. Ubesekhulile yena kodwa loko akusho ukuthi besekumele abulawe ngesihluku esingaka. Ubesaqinisile ubesangaphila esinye isikhathi futhi.”

Ikhansela lakule ndawo uMnu Mntuza Mkhize nobehambisana naye uDtk Nzimande ukuzoduduza lo mndeni uthe lesi isehlo sibuhlungu kakhulu kanti futhi sikhathaza umphakathi wonke.

Uthe bebengalindele ukuthi kungahle kuvele isigameko esifana nalesi ikakhulukazi ngoba umfana owenze loku bayamazi kanti futhi bamazi njengomuntu olungile.

“Besingazitsheli ukuthi ngelinye ilanga singagcina sizwa izinto ezibuhlungu kanje.

“Ugogo ubelungile kanti nomdeni wakhe uhloniphekile kakhulu. Ukulahlekelwa kwalomfana umqondo ikona nje okubi nokugcine ngokuthi sekumholela ekutheni agcine esenza isehlo esibi ngalendlela enze ngayo.

“Sekuyisehlo sesibili lapha endaweni yethu yakaDambuza ukuthi sibe nenkinga ethi ayicishe ifane njengalena eyenzeke kaNdlela nakuba ukulimala kwabo kungafani ncamashi. Kukhona omunye owesifazane naye owalahlekelwa umqondo naye wagcina eselimaza ugogo wakhe kodwa wagcina eselashiwe nesicabanga ukuthi lena kuba into egqilaza impilo yomuntu wonke ngoba akekho umuntu ongakwazi ukubulala ugogo wakhe okanye umkhulu wakhe. Lesi sehlo sibuhlungu kakhulu. Umndeni akusiwona nje kuphela olahlekelwe kodwa nathi singumphakathi silahlekelwe,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.