Ukusebenza ngokuzwana kuletha impumelelo eqenjini

2016-06-15 06:00

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi umoya wokuzwana, nokusebenza kweqembu ngokubambisana ikona okwenza iqembu liphumelele.

UMosimane ebuzwa ngemfihlo yokuphumelela kweqembu le-Sundowns uthe, “Okubaluleke kakhulu bekuwukusebenza njengomndeni.”

“Ukuzwana eqenjini kuhamba indawo ende futhi kuletha imiphumela emihle.” Lomqeqeshi uthi uKhama Billiat ozalwa eZimbabwe wafika ePitoli ezejoyina ezakhe AmaBrazilians ngesikhathi evela kwi Ajax Cape Town enokusaba kancane ngoba phela ithimu inkulu.

UMosimane uthi nokuza eGauteng ebe kade ejwayele iKapa kwakumuxaka kancane lomdlali. “Into engayenza noma esayenza njengomndeni weMamelodi Sundowns ukuhlala phansi noBilliat simtshele ukuthi sizomxhasa futhi kufanele azi ukuthi uwumdlali webhola oseqopheleni eliphezulu yingakho simlande kwiAjax Cape Town. Lokho nje kukodwa kwamenza wakhululeka futhi wazibona amamukela ngezandla ezifudumele.

Njengomqeqeshi wakhe ngabuya ngasondelana naye ukuze ngisebenze ekucubunguleni indima yakhe esiyifuna adlale ngayo, nokuthi angenza kanjani ukuze abe umdlali ongcono. Ngamtshela futhi ukuthi angashaya amagoli amaningi noma angakha amathuba amaningi, asize ozakwabo ukuthi nabo bashaye amagoli. Kanti-ke uma ubheka amagoli ashaywe yiSundowns kulesizini, uBilliate usize kakhulu noma naye uqobo uzishayele ngokwakhe,”kusho uMosimane.

UMosimane uthi yena akazange amangale uma lomdlali eseqoqa kwasani ngesikhathi kunomncimbi wemiklomelo yePSL. “Ngingathi nje mina njengomqeqeshi wakhe kanye nozakwabo eqenjini lilonke nje, asimangalanga noma asithukanga. Phela uBilliat usebenze kanzima kulesizini futhi ubelekelela wonke umuntu eqenjini. Ubewumdlali othandwa yiwo wonke umuntu futhi ehlale ekulindele ukusiza ekwakheni amagoli nokusiza abadlali abalahlekelwe ifomu noma abasasaba ukudlala kwi Sundowns,”kusho uMosimane.

Abathandi bebhola eMzansi bazokhumbula ukuthi lomdlali waseZimbabwe udle umhlanganiso ngokuqoqa imiklomelo emithathu emcimbini wokuphela kwesizini yePSL. Ube umdlali ovelele wonyaka, waba ngumdlali okhethwe ngabanye abadlali nabaqeqeshi obachazile kulesizini,wagcina ngokuba umdlali wasesiswini obashaye bonke emakhanda. Kanti nomqeqeshi weqembu lamaBrazilians (Mamelodi Sundwons), uMosimane ubuye wadla umhlanganiso ngokuba umqeqeshi ovelele kulesizini.

Mhlawumbe ekubongeni ukuvundulula amakhono noma ukuletha abadlali abaseqophelweni eliphezulu kwiSundowns asithulele isigqoko owayengumqeqeshi weBafana Bafana nowadlala kakhulu kwiMoroka Swallows nakumaBrazilians, uTrott Moloto.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.