‘Ukuzibulala kukamsolwa kuvuse amanxeba’

2019-02-06 06:00
ISITHOMBE : facebookErnest Mabaso kanye nomunye wezisulu okusolwa ukuthi wazibulala, uDudu Khoza.

ISITHOMBE : facebookErnest Mabaso kanye nomunye wezisulu okusolwa ukuthi wazibulala, uDudu Khoza.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI wamalunga ayisikhombisa atholwa ebulewe agqitshwa eVlakfontein eGoli uthi awuphathekile kahle ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi umsolwa uzibulele esiteshini samaphoyisa.

UMnu Ernest Mabaso (27) nobengumsolwa kuleli cala utholwe ezilengise ngezintambo zezicathulo esiteshini samaphoyisa eKapa ngoLwesine olwedlule mhla zingama-24 kuMasingana (January). UMnu Mabaso uzibulala nje bekulindeleke ukuba avele enkantolo nalapho kade ezofaka khona isicelo sebheyili ngmaacala ayisikhombisa okubulala uNks Dudu , uNomfundo , uMbali , uKarabo, uNkanyiso,uSbonga kanye noLuyanda kanjalo nawokudlwengula.

Izidumbu zalaba abashona zatholwa ngenyanga kaMfumfu (October) kanti ezinye zazo zasezonakele. Zonke izisulu kulesi sigameko zidabuka KwaCaluza kodwa bezihlala eGoli ngenxa yomsebenzi.

UMnu Mabaso ubebhekene nala macala nomunye umsolwa uMnu Fita Khupe (61).

UNkk Thoko Khoza, ongunina aphinde abe nguninakhulu kulabo abashona, uthe bengumndeni kabaphatheke kabi ukuzibulala kukaMnu Mabaso njengoba ethi kuvele kwavusa kakhulu amanxeba abengakapholi.

“Angijabulile neze ngalesi sinqumo sakhe sokuthi avele akhethe ukuzibulala ngoba mina bengisalindele ukuthi uzokhuluma asho ukuthi kungani enza yonke le nto ayenza. Mina ngisele anginangane anginabazukulu kodwa yena usekhetha ukuthatha indlela elula. Ngiyalidinga iqiniso ngifuna ukwazi ukuthi kungani abulala izingane zami.

“Le nto ayenzile usevele wavuselela amanxeba akade engakapholi vele. Uyena ebengithembele kuyena ukuthi uyolikhipha iqiniso njengomuntu ebesimazi njengomndeni futhi sisondelene naye.Yonke le nto isizwisa ubuhlungu njengomndeni. Besingazitsheli ukuthi angakhetha ukwenza into enjengalena ngaphambi kokuba akhulume iqiniso,” kubeka yena.

UNkk Khoza uqhube wathi bayakholelwa ukuthi uMnu Mabaso wayengeyedwa ngesikhathi enza bonke lobu bugebengu. Uthe bengumndeni bafuna ukwazi ukuthi obani abanye abadlala indima ekubulaweni kwezisulu.

Ithemba lethu selincike kumsolwa lona oyedwa osele. Sinethemba lokuthi uzokhuluma asho ukuthi izingane zami zazenzeni aphinde akhiphe nabanye ababekhona uma kungukuthi ngempela babekhona. Asisoze sakuthola ukuphumula singakalitholi iqiniso lokuthi yini eyaholela ekutheni kuze kubulawe amalunga omndeni wethu,” kubeka yena.

Umndeni wakwaKhoza ngaphambilini waveza ukuthi uMnu Mabaso wafika kubona wazibika njengengane eyalahlwa yindodana kaNkk Khoza engasekho, wabe esecela indawo yokuhlala. Watshela lo mndeni ukuthi uyalelwe osonhlalakahle ukuthi akeze kuwona azocela indawo yokuhlala. Wahlala nalo mndeni endaweni yaKwaCaluza wabe esesuka eyohlala nala malunga omndeni asolwa ngokuwabulala eGoli ngoba ethi uyofuna amathuba omsebenzi.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.