Ulugubhe nezalukazi usuku lwakhe lokuzalwa uMfu. Phoswa

2016-07-27 06:00
PHOTO: NOKUTHULA KHANYILE UMfundIsi Trevor Phoswa obegubha usuku lwakhe lokuzalwa. Lapha uthathwe nogogo beZenzele Senior Citizens Club kanye nosomabhizinisi uThemba Njilo.

PHOTO: NOKUTHULA KHANYILE UMfundIsi Trevor Phoswa obegubha usuku lwakhe lokuzalwa. Lapha uthathwe nogogo beZenzele Senior Citizens Club kanye nosomabhizinisi uThemba Njilo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHETHE ukulugubha ngendlela ehlukile usuku lwakhe lokuzalwa kulonyaka uMfundisi uTrevor Phoswa we-God’s Victory Family Church eMbali.

UPhoswa obuye abe umethuli wezinkulumo ezakhayo kanye nomsakazi kuMgungundlovu FM obehlanganisa iminyaka engu 37 ngoLwesihlanu, uchithe ingxenye yosuku lwakhe nogogo abangaphansi kwenhlangano iZenzele Senior Citizens Club khona eMbali. Utshele i-Maritzburg Echo ukuthi kulonyaka ukhethe ukwenza okuhlukile ukwelula isandla emphakathini.

“Ngikhethe ukwenza lokhu ngoba ngifuna ukubonga uNkulunkulu ngesipho sempilo. Ngikhule ngihlupheka kakhulu kodwa ngangihlale ngizitshela ukuthi uma sengiphumelele ngiyoba isibusiso kwabanye abantu.

“Ngiyazi ukuthi isikhathi esiningi uma ungumfundisi abantu bayakunikelela kodwa kulokhu ngikubone kukuhle ukuthi kube yimi okufanele anikele kulokhu uNkulunkulu angiphe kona,” kusho uPhoswa.

Uthe wenzele ogogo isidlo sasekuseni wabe esebanikelela ngezinsiza zokuthunga njengoba beyiqembu elithungayo.

“Ogogo bayingxenye ebaluleke kakhulu emphakathini kodwa isikhathi esiningi bayizisulu zokuhlukumezeka, bayadlwengulwa futhi bazithole bengaphansi kwengcindezi yokondla abazukulu kanye nabantwana babo. Lolu usuku ebengifuna bajabule ngalo bakhohlwe izingqinamba ababhekana nazo emakhaya.”

Inhlangano iZenzele Senior Citizens Club inhlangano yezaguga kanti zihlangana kathathu ngeSonto. UPhoswa uphinde wanikelela lezalukazi ngokudla kwezinyanga ezintathu ezizokupheka njalo uma zihlangana.

UPhoswa uthe uhlela ukuthi minyaka yonke alule isandla njalo ngosuku lwakhe lokuzalwa.

“Nangonyaka ozayo ngifuna ukwenza okwehlukile. Ngikhule ngingabazi abazali bami ngakho ngonyaka ozayo ngifisa ukulula isandla nginikelele izintandane ukuze zibone ukuthi likhona ithemba lokuthi zingaphuma kulesimo ezikuso.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.