UMashaba ukhathazekile ngeWorld Cup ka-2018

2015-11-18 06:00
ISITHOMBE: gallo images  Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba ubingelela izihlwele ezabe zithamele umngcwabo kakaputeni weBafana Bafana ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida eThekwini lulunye kuLwezi. Lo mdlali washonela eVosLoorus       eGauteng em

ISITHOMBE: gallo images Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba ubingelela izihlwele ezabe zithamele umngcwabo kakaputeni weBafana Bafana ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida eThekwini lulunye kuLwezi. Lo mdlali washonela eVosLoorus eGauteng em

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMQEQESHI weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes” Mashaba akasakwazi ukulala ngokuthula kulezi nsuku. Phela ulala ephenduka futhi ezibuza ukuthi kaze uzokwazi yini ukuya kwi-2018 World Cup.

Phela kuzokhumbuleka ukuthi lo mqhudelwano webhola lomhlaba uzobe ubanjelwa eRussia ngo-2018.

Iqembu laseMzansi, iBafana Bafana izohambela e-Ombaka National Stadium eseBenguela ukudlala ne-Angola kusasa ngoLwesihlanu ngo-4.30pm, ngokwesikhathi salapha eNingizimu Afrika.

Lo mdlalo ubaluleke ngendlela eyisimanga kanti noMashaba wazi kahle ukuthi uma behlulekile ukuwina, indlela eya eRussia iyogcina iyiphupho futhi naye alahlekelwe wumsebenzi.

Phela inhlangano ephethe ibhola kuleli iSouth African Football Association (Safa) yakubeka kwacaca noma kwaba umbandela emsebenzini kaMashaba uthi aqiniseke ukuthi iBafana Bafana iyaya eRussia.

Phela okunye okubuhlungu ukuthi uma uMzansi uhlulekile ukuya eRussia ngo-2018 enye iWorld Cup isiyoba ngo-2022 eQatar. Lo mdlalo iBafana Bafana ezowudlala ne-Angola kusasa izoba umlenze wokuqala kanti owesibili uyoba seMoses Mabhida Stadium ngoNovember 17.

Noma iBafana Bafana yakwazi ukudla i-Angola ngenyanga edlule ngo 2-1 kwimidlalo yeChan nalapho uMzansi wagcina ngokuhluleka ukuphasa ukuze idlale kulo mqhudelwano, uMashaba uyazi ukuthi kulokhu umqeqeshi we-Angola uRomeo Filemon uzolanda zonke izingwazi zakhe ezidlalela amaqembu amakhulu aphesheya.

“Ngiyazi ukuthi iqembu lase-Angola lizobe lihlukile kunaleli esalidla kwiChan. Ngiyazi futhi ukuthi uFilemon uzobiza bonke abadlali bakhe abayizingwazi futhi abadlalela amathimu aphesheya. Kuzoba nzima impela kodwa-ke nathi sizoya njengamadoda silwele ukunqoba.

“Phela kusobala ukuthi amathuba okudlala ku-2018 Russia World Cup ancike kule midlalo ne-Angola,” kusho uMashaba.

Ukutshengisa ukuthi uMashaba akafuni ukuthatha amashansi noma ukugembula ngalo mdlalo, ubize zonke izihlabani zakhe ezake zamshayela umsebenzi zachaza nabaningi ngaphambilini. Izikhokho ezifana no-Andile Jali, Mandla Masango kanye noThulani Serero bakhona eqenjini likaMashaba. Selilonke iqembu leBafana Bafana limi kanje:

Goalkeepers: Itumeleng Khune, Jackson Mabokgwane, Ronwen Williams.

Defenders: Siyabonga Nhlapo, Lehlohonolo Nonyane, Anele Ngcongca, Thabo Matlaba, Clayton Daniels, Eric Mathoho, Rivaldo Coetzee, Thulani Hlatshwayo.

Midfielders: Andile Jali, Kamohelo Mokotjo, Phumlani Ntshangase, Bongani Zungu, George Lebese, Dean Furman, Mpho Makola, Mandla Masango, Themba Zwane.

Strikers: Thamsanqa Gabuza, Thulani Serero, Sibusiso Vilakazi, Tokelo Rantie, Dino Ndlovu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.