Umashele emzini wekhansela Umphakathi waKwaPata

2018-05-16 06:00

ZIYANDA izinkinga phakathi kwekhansela le ndawo uMnuz Nkosinathi Gambu, nomphakathi waKwaPata njengoba lo mphakathi umashele emzini walo uyofuna izimpendulo zokuthi kungani kuhlehliswe umhlangano wokudingidwa udaba lokumiswa kokwakhiwa kwezindlu kule ndawo.

Lo mhlangano bekufanele ube ehholo lomphakathi kulendawo ngoLwesithathu olwedlule mhlaka -3 kuNhlaba (May) ngo-5 ntambama kodwa wagcina uhlehlisiwe.

Amalungu omphakathi abehlangene ehholo avuke umbhejazane amashela emzini wekhansela ethi ayofuna izimpendulo.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo wayo owawukhona ehholo uthe into eyadina umphakathi ukuthi umhlangano wahlehliswa sekusele imizuzu eyi-10 kuphela ukuthi uqale futhi kwakungekho muntu owayephuma kwaMasipala uMsunduzi, abaphuma enkampanini ebeyakha lezi zindlu i-Fairfield kanti nalo ikhansela bathi belingabonwa nangokhalo.

Uthe : “Umqhafazo wathunyelwa kumalungu ekomidi lokwakhiwa kwalezi zindlu kuthiwa umhlangano uyahlehla kwangashiwo ngisho izizathu.

“Amanye amalungu omphakathi ayesefikile ehholo ngesikhathi kuthunyelwa umyalezo wokuhlehla komhlangano kwikomidi lohlelo lokwakhiwa kwezindlu.

“Kwakuthiwa alimemezele nini ukuthi umhlangano uhlehlile?

“Umhlangano wawubizwe ikhansela kodwa umyalezo wawuvela kumsebenzi wakwamasipala nokwathi uma efonelwa ebuzwa ukuthi kungani umhlangano uhlehlile wavele woma insini wasitshele ukuthi asibuze ikhansela nesathi uma silifonela umakhalekhukwini walo wakhala wangabanjwa,” kubeka umthombo.

UMnuz Gambu uziphendulele ngalezi zinsolo wathi amalungu omphakathi aziswa kusanesikhathi ngokuhlehla komhlangano futhi umhlangano wawungabizwanga uyena.

“Umhlangano wawuhlanganise uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, inkampani eyakha izindlu, uMasipala uMsunduzi kanye nami njengekhansela.

“Ukuhlehliswa kwawo kulandela ukuthi inkampani lena eyakha izindlu ithe ngeke ize ikwazi ukunikeza zonke izimpendulo ezazifunwe umphakathi ngaphambilini mayelana nohlelo lokwakhiwa kwezindlu.

“Inkampani yabe isithembisa ukuthi izokwazi ukunikeza kahle zonke izimpendulo ngomhla ka -12 kuNhlaba (May) nokuyikona okwenza ukuthi kuhlehliswe umhlangano.

“Sasingeke sikwazi ukuqhubeka nomhlangano ngoba sithi sifuna ukuyobatshela ukuthi izimpendulo ngeke baze bazithole kodwa bazozithola emhlanganweni olandelayo.

“Imiqhafazo ithunyelwe kusanesikhathi kwikomidi ukuze lizokwazisa umphakathi ngokuhlehla komhlangano,” kubeka yena.

Uqhube wathi ngosuku okwakumele kube nomhlangano wezwa kuthiwa umphakathi uhlangene ehholo kodwa wathi uma efika wezwa sekuthiwa umphakathi uhambile waya emzini wakhe.

“Ngahamba ngaya khona ehholo kodwa ngafika sekuthiwa umphakathi usuhambile uthe uya emzini wami.

“Ngabe sengiphuthuma ekhaya nami ngithi ngiyovikela umndeni wami ngoba ngangingazi ukuthi umphakathi uzokwenzani.

“Ngesikhathi ngisendleleni eya ekhaya ngadlula amalungu omphakathi endleleni etoyitoya eya emzini wami amanye ephethe izibhamu ngezandla.

“Kwabe sekufika abanye ozakwethu beza ekhaya bezoqapha isimo.

“Ngesikhathi umphakathi ufikile wasabisa ngokubulala amawindi ezimoto zalabo ababegade emzini wami.

“Abanikazi bezimoto babe sebesuka beya ezimotweni zabo bethi bayovimba umphakathi ukuba ungazilimazi izimoto.

“Kwenzeka konke lokhu nje mina ngimile emzini wami.

“Emva kwalokho ngabona sekubanjwana ngezandla sekuliwa, ngezwa sekuqhuma nesibhamu kathathu umphakathi wabe usuyahlakazeka.”

Emva kwalesi sigameko kubikwa ukuthi kunowesilisa owalimala onyaweni ngemuva kokudubuleka futhi kunowesifazane owashayiswa yimoto ngesikhathi kunesiphithiphithi kubalekwa.

Lo wesilisa kuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela i-Edendale nalapho afika alashwa khona wafakwa ukhonkolo wabe eseyadedelwa.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini iPlessislaer uKapteni Musa Ntombela akatholakalanga ngesikhathi sokushicilela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.