Umasipala sicela usilamulele

2017-10-25 06:00

Mhleli, ngibonge ukuthola ithuba,

Mhleli, ngicela usisize usilekelele ngengosi yakho yephephandaba ukuba usicelele umasipala waseMsunduzi uke uze ewadini yethu u-Ward 10 uke uzosichazela ngendlela ekumele onobhala bamakhansela basebenze ngayo kanjalo nezinsuku nesikhathi okumele babe ngaso emsebenzini ngoba ngazuthi siwumphakathi wakwaPata hlambe sididekile.

Okwenza ngisho kanje kuzokhumbuleka mhleli ukuthi ezinyangeni ezingengaki kuke kwaphuma iskhalazo ngonobhala wethu ongahlali ehhovisi otholakala ehleli ezindaweni zenyama ngezikhathi zomsebenzi.

Kwaphinda ngedlule futhi saphuma isikhalazo kusakhalwa ngento efanayo futhi nokungasizakali kwamalunga omphakathi uma eyofuna usizo ehhovisini lakhe.

Ababekhalaza bacelile ukuba umasipala ungenelele ngokuthi uzochazela umphakathi wakulendawo ngokuthi onobhala basebenza kanjani ngoba kunethemba lokuthi isimo sizoshintsha kodwa kusafana.

NgeSonto eledlulu mhleli izinsuku zize zaba ntathu zilandelana kodwa lutho ukutholakala kwanobhala ehhovisi.

Mawufika ufica i-security lentombazane yilo elongamele ihhovisi. Okusiphatha kabi uzobika uyithini inkinga yakho kumuntu ongeyena unobhala futhi nezincwadi esizibhalelwayo siyajikiswa nazo emabhange kuthiwe khona okushodayo okungabhaliwe .

Ufika izincwadi sibhalelwe unogada umakungesiye kube amantombazane lawa agqoka ama avaron asawolintshi. Kuyasihlukumeza okwenzeka kuleliya ehhovisi ungafunga ukuthi kudlalwa umasigcozi okanye kuse nkulisa.

Ma uthi uyalubika loludaba kumakomidi awakunikI impendulo ephusile abika lokhu nalokhu.

So mhleli siyacela umasipala uke ubize umhlangano sike sichazeleke ngendlela ekusetshenzwa ngayo naye unobhala ake asichazele emhlanganweni ukuthi utholakala nini.

OKHATAZEKILE

KwaPata (ward 10)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.