Umasipala uphendula ngenkinga kadoti

2020-02-05 06:01
ISITHOMBE: sigciniweUdoti abakhala ngokuthi awulandwa eSobantu.

ISITHOMBE: sigciniweUdoti abakhala ngokuthi awulandwa eSobantu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMASIPALA uMsunduzi usuphumele obala ngezinkinga obhekene nazo mayelana nokubambezeleka kokuqoqwa kukadoti ezindaweni ezahlukene eMgungundlovu.

Loku kuza ngemuva kokuba i-Echo ibhale udaba ngezinkinga umphakathi waseSobantu obhekene nazo uma kumele uqoqelwe udoti.

Lolu daba lushicilelwe ephepheni langoLwesine olwedlule mhla zingama-23 kuMasingana (January).

Amalunga alo mphakathi ayekhala ngokuthi iloli elithutha udoti lifika noma inini alisenalo usuku elifika ngalo kanti kwezinye izinsuku kuke kuphele ngisho isonto lingazange lifike.

Bathi uma ngabe kwenzekile lafika lifika ebusuku sebelele kanti amanye amalunga omphakathi wona athi awazixaki nanokuthi awukhiphe udoti awubeke emgwaqeni ngoba vele ugcina usuchithwa izinja phansi ungalandiwe.

Ngemuva kokushicilelwa kwalolu daba izindawo eziningi nazo seziphumele obala zikhala ngokushintsha kwendlela ebekulandwa ngayo udoti kanye nokungalandwa kwawo.

Ibamba lokhulumela umasipala uMsunduzi uNks Ntobeko Ngcobo utshele i-Echo ukuthi into eyenza ukuthi kube nokubambezeleka ekuqoqweni kukadoti ingoba umasipala unenkinga ngamanye amaloli kadoti afile okumanje okumatasa ngawo elungiswa.

“Lama loli amancane akhona esinawo kumele asize wonke umphakathi. Kodwa nomakunjalo umasipala uzama ngazo zonke izindlela zokwenza ukuqinisekisa ukuthi ukuphazamiseka kube kuncane. Uma ngabe amanye amaloli eselungele ukusebenza, ukuqoqwa kukadoti kuzo buyela kokwejwayelekile.

“Umasipala uyaxolisa ngokwenzekayo kanti futhi siyawuqinisekisa umphakathi ukuthi senza konke okusemandleni ukuthi izinkinga ezifgana nalezi ziyalungiswa,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.