Umasipala uxwayisa labo abawukweletayo

2018-12-19 06:00

IMEYA yoMasipala uMsunduzi uKhansela Themba Njilo usenxuse abantu abahlala ngaphansi kwalo masipala abakweleta imali yamanzi kanye nogesi ukuba bayikhokhe okanye baphumele obala beze bazoxoxisana nomasipala ungakashayi umhla zili-19 kuMasingana (January) 2019.

UMnuz Njilo uveze ukuthi umasipala ukweletwa imali elinganiselwa ku-R2 billion isiyonke.

Uthe kumanje bavule uhlelo lukashwele nalapho abantu kumele baphumele obala bakhokhele umasipala.

Lolu hlelo luvulwe ngenyanga kaNcwaba (October).

“Sinxusa abantu ukuba basebenzise lesi sikhathi sikashwele abasinekiziwe benze imizamo yokuthi bakhokhe izindleko zabo zakamasipala.

Uma kungukuthi awunayo imali yokukhokha iza phela kamasipala sizoxoxisana ukuthi uzokhokha kanjani. Uma ungasebenzi khona sizokwazi ukuthi sikufake kulolu hlelo lwabantu abangasebenzi lokuthi ungasikhohlwa izindleko zikamasipala.

“Uma kungukuthi abantu abazaziyo ukuthi bakweleta umasipala abasukumi basebenzise thina ma ngabe sesivalwa sikhathi sikashwele kuzoba khona ukukhala nokugedla kwamasango ngoba sizobacishela ugesi sikhiphe nezigubhu zabo,” kubeka iMeya.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.