Umasipala uzibophezele ekuhlanzeni idolobha

2018-06-13 06:00
isithombe: lethiwe makhanyaKungesikhathi imeya yomasipala uMsunduzi yethula ngokusemthethweni ingqalasizinda entsha yokuhlanza idolobha ngoLwesine olwedlule.

isithombe: lethiwe makhanyaKungesikhathi imeya yomasipala uMsunduzi yethula ngokusemthethweni ingqalasizinda entsha yokuhlanza idolobha ngoLwesine olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMEYA yomasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo uthi bengumasipala bazimisele ukugcina idolobha laseMgungundlovu kanye nezindawo zalo kuhlanzekile futhi kuphephile.

UMnu Njilo ukusho lokhu ngoLwesine olwedlule mhla zili-31 kuNhlaba (May) ngesikhathi lomasipala wethula ngokusemthethweni amaloli okuthutha udoti kanye nabogeleja emnyangweni wezemfucuza kulo masipala.

Lo masipala unikezele ngama ton- trucks amane, pay loader, geleja, RO-RO trucks kanye namaloli okuthutha udoti.

UNjilo uthe lena ngenye yezindlela yokuzama ukugcina idolobha lihlanzekile baphinde bakwazi nokuthi balethe izidingo kubantu.

“Siyajabula kakhulu ukuthi sigcine sikwazile ukuthi sizokwethula ngokusemthethweni lezi zingqalasizinda ezizosilekelela ekutheni silethe izidingo zomphakathi ngendlela efanele neseqophelweni eliphezulu. Nakulezi zindawo obekwenzeka khona ukuthi amaloli alanda udoti afike sekwedlule isikhathi loko ngeke kusenzeka ngoba manje sesinengqalasizinda eseqophelweni eliphezulu.

Lezinsiza kusebenza zisosilekelela ekutheni sifeze izifiso ngqangi zethu,” kubeka yena.

Uphinde waveza nokuthi ukuba khona kwalengqalasizinda entsha akuzugcina nje kuphela ngokulekelela ukugcina idolobha lihlanzekile kodwa futhi lizosiza umasipala uMsunduzi ukuthi ukwazi ukonga izimali eziningi.

“Umasipala ubuchitha imali elinganiselwa ku R1,1 million njalo ngenyanga ukuqasha lezi zingqalasizinda nobekugcina sekuyimali engu-R14,184 million ngonyaka nokuyimali enkulu kakhulu leyo.

“Manje sesiyazi ukuthi angeke size sisaqasha ezinye izinkampani ukuba zisenzele umsebenzi ngenxa yokuthi asinayo eyethu ingqalasizinda.”

Le ngqalasizinda ibize umasipala imali elinganiselwa ku-R 33,764 million kanti akusiyona kuphela njengoba imeya iveze ukuthi kukhona enye futhi ngaphezu kwalena ethulwe ngokusemthethweni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.