Umbango wothisha uvale isikole

2020-02-12 06:04
ISITHOMBE : sithunyelweKungesikhathi abafundi bevalele othisha ngaphandle ngoLwesihlanu,

ISITHOMBE : sithunyelweKungesikhathi abafundi bevalele othisha ngaphandle ngoLwesihlanu,

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUBE khona inxushunxushu esikoleni samabanga aphakeme Emzamweni ngoMsombuluko njengoba abazali bezingane ezifunda kulesi sikole bevalele othisha abali-12 ngaphandle.

Laba bazali basola labo thisha ngokungazifundisi izingane zabo nabathe angeke baze babavumele ukuthi babuyele ukuzofundisa kulesi sikole ngoba uyabahlula umsebenzi.

Ngesikhathi i-Echo ifika kulesi sikole ngoMsombuluko, othisha abali-12 bebevalelwe ngaphandle abazali bengaphakathi esangweni lalesi sikoleni beshaya phansi ngonyawo bethi labothisha angeke baze bangene.

Amaphoyisa nawo abekhona ngaphakathi eqaphe isimo njengoba abazali kade bebhodla umlilo. Abazali akade bekhona abazange bathande ukukhulume ne-Echo njengoba bethe izintatheli azifuneki.

Kwenzeka loku nje ngoLwesihlanu olwedlule abafundi bakusona lesi sikole bebevalele ngaphandle bonke othisha okubalwa khona nothishanhloko waso lesi sikole bethi bafuna ukufunda.

Laba bafundi bakhala ngokuthi seloku kuqale unyaka kunezifundo abangakazifundi kanti ezinye basazifunde kancane ngenxa yokungazwani kothisha ngaphakathi.

“Into esiyifunayo thina ukufunda kuphela ayikho enye into. Uma ngabe kungukuthi kukhona ingxabano ekhona phakathi kothisha sicela ukuthi thina singafakwa kuyona ngoba asazi lutho futhi asingene kuyona abayixazulule bodwa thina baqhubeke basifundise.

Othisha bezele ukuthi bazosifundisa esikoleni nokuyinto abayiholelayo.

Izinkinga zabo azingahambi zize zizophazamisa thina emagumbini okufundela,” kusho omunye umfundi ongathandanga ukuthi adalulwe igama lakhe.

Ngokuthola kwe-Echo ukungazwani kothisha kulesi sikole kudalwa ukuthi othisha abali-12 bangamalunga enye inyunyana ehlukile kunabo bonke abanye othisha bakulesi sikole.

Kuthiwa isimo sesishube ngangokuthi abasahlali ngisho ndawonye endaweni yothisha abanye bazihlalela ezimotweni zabo uma ngabe kukhona elinye iqembu egumbini lothisha.

Inkinga kuthiwa iqale ngenyanga kaMfumfu (October) kanti ihambe yaze yafika ekutheni othisha laba abali-12 bangezi esikoleni ngesikhathi kuvulwa izikole kodwa bahambe bayobika e-Circuit office.

Labo thisha baze babuya esikoleni ngesonto lesibili kuvulwa ngemuva kokuba umhloli ebayalele ukuba ababuyele esikoleni.

USihlalo wesigungu esimele abazali uMnu Dumisani Mbanjwa ukuqinisekisile ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kothisha kodwa wathi umnyango wezemfundo esifundazweni uzama ukuzilungisa lezi zinkinga.

“Siwutshelile umnyango wezemfundo ukuthi lolu udaba oluphuthumayo kumele balubheke ngokushesha ngoba sifuna abafundi bafunde nesimo sibuyele kwesejwayelekile esikoleni.

“Kuzoba khona umhlangano nalapho kuzofika khona uMqondisi womnyango nalapho sizodlulisa khona izikhalo zabazali. Asifuni ukuthi kube khona ukungaboni ngasolinye esikoleni sifuna ukufunda kuqhubeke nabothisha bazwane ukuze bezosizana,” kubeka yena.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi uthe kubaphatha kabi ukuthi kugcine sekuvalwa isikole ngoba kunokungazwani kothisha.

“Isifunda saseMgungundlovu siyalusebenza lolu daba ukuze kuzolungiseka izinkinga.

Okwamanje othisha laba akade bevalelwe ngaphandle babuyele emsebenzini.

“Asihambisani nokuthi kube khona ukungezwani ezikoleni. Umuntu uma ngabe eqashwa uqashwa yedwa ngakho ke umuntu kumele enze into ayizele esikoleni okuwukufundisa,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.