Umbhali nencwadi ekhuluma ngempilo yakhe

2020-03-18 06:03
PHOTO: lethiwe makhanyaUDokotela Zakhele Hlatshwayo obhale incwadi.

PHOTO: lethiwe makhanyaUDokotela Zakhele Hlatshwayo obhale incwadi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMBHALI wezincwadi uDokotela Zakhele Hlatshwayo usebhale incwadi ekhuluma ngomlando wakhe.

Le ncwadi esihloko sithi ‘ The real son of the soil’ izokwethulwa ngokusemthethweni mhla zili-18 kuNdasa (March) emtapweni wolwazi iBessie Head kusuka ngehora lokuqala kuya kwelesithupha ntambama (1pm-6pm).

Exoxa ne-Echo uDkt Hlatshwayo uthe njengombhali wezincwadi ukubone kubalulekile ukuthi abhale incwadi ekhuluma ngaye kanye nangomlando wakhe ukuze ezoshiya ilegacy.

Uthe le ncwadi ingenye yezindlela yokuphinde azame akhuthaze abanye ababhala abangemuva kwakhe.

“Ngiqale ukubhala eminyakeni eminingi eyedlule ukubhala ngakho ngibone sekuyisikhathi sokuthi nami ngibuyisele kubantu ngokuthi ngibanikeze ulwazi lokuthi bengenzani nanokuthi kunjani ukuba umbhali wezincwadi ukuze nabo bezokhuthazeka,” kubeka yena.

UDkt Hlatshwayo uthe ukubhala into aqala ukuyithanda esafunda esikoleni samabanga aphakeme eMehlokaZulu Secondary School eMbali.

Uthe ngesikhathi ekwenza loko kwakungayona into azitshela ukuthi ingaqhubeka ize ifike ezingeni lokuthi usengaze abe umbhali wezincwadi.

“Ngaqala ukubona ukuthi kukhona into engingayenza ngekhono lami lokubhala ngesikhathi ngithola indawo yesibili- emncintiswaneni kazwelonke wokubhala izincwadi ezimfishane (short stories). Ngabona lapho ukuthi ayi impela ukhona umehluko engingawenza uma ngingasukuma ngizimisele ngokuthuthukisa ikhono lami.”

Uqhube wathi incwadi yakhe yokuqala ayibhala yaphuma yayisihloko esithi ‘Umhlaba Uyajika’ neyaphuma ngonyaka ka-1994.

Kuze kube imanje uDkt Hlatshwayo usebhale izincwadi ezingaphezu kwezili-10.

Unxuse abantu abafuna ukuzokwethamela umcimbi wokwethulwaa kwalencwadi ukuthi babekise izindawo lungakashayi usuku lomcimbi. Ukungena kumahhala.

Ngeminye imininingwane ungashayela lenombolo : 071 745 1423 okanye uthumele i-email ; bongimha@gmail.com

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.