Umbhali uzokwethula enye incwadi

2018-10-31 06:02
ISITHOMBE : sithunyelweUMnu Thulani Gumede.

ISITHOMBE : sithunyelweUMnu Thulani Gumede.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMBHALI wezincwadi nophinde abe umkhulumi wezinkulumo ezakhayo uMnuz Thulani Gumede wase-Lincon Meade uzokwethula incwadi yakhe yesibili ekhuluma ngokuzila kanye nokupholisa amanxeba uma ngabe kade ulahlekelwe othandiweyo wakho.

Le ncwadi izokwethulwa ngokusemthethweni mhla zingama-24 kuLwezi (November) esontweni i-Cornerstorne Assembly of God kusuka ngehora lokuqala kuya kukugamanxa kwehora lesibili emini (1pm-2.30pm) kanti ukungena kumahhala.

Isihloko sale ncwadi sithi Nqaba Grief and Hope 2nd Edition.

Ekhuluma ne-Echo ngencwadi yakhe entsha uMnuz Gumede uthe ubone kungumqondo omuhle ukuba aqhubekezele incwadi yakhe yokuqala eyaphuma ngonyaka wezi-2015 eyayithi Nqaba Grief and Hope.

UMnu Gumede wabhala le ncwadi ngemuva kokulahlekelwa indodana yakhe okwakuwukuphela kwayo ngonyaka wezi-2014.

Uthe ukubhala kwakhe le ncwadi nanokuthi ayi qhubekekezele ingoba ufuna ukukhipha konke okungaphakathi kuyena ukuze ezophola aphinde aduduze nalabo abalahlekelwa ukuze bazi ukuthi ababodwa.

“Into engiyenzile ngithathe incwadi yokuqala engayibhala ngabe sengifaka izigaba ezintathu ezintsha ngabe sengiyayilungisa ngafaka noqwembe olusha. Kuningi okusha engikufakile ngoba ngikhuluma ngempilo yami sinonkosikazi wami uNompilo Gumede ngemuva kokuthi sekuphele iminyaka emithathu salahlekelwa ingane yethu.

“Ngifuna ukududuza abantu, bazi ukuthi nakuba kubuhlungu ukulahlekelwa othandiweyo wakho kodwa kusuke kungesikona ukuphela kwempilo ngoba impilo isuke isangaqhubeka uma nje uzivumela ukuba uphole yize kungeke kusheshe kungeke futhi kube lula.

“Abantu kumele bazi ukuthi uma nje uthemba kuNkulunkulu konke kuzolunga,” kubeka yena.

Uqhube wathi ufuna ukudlulisa umyalezo kubantu ukuthi abangazami ukuvala izikhala zabathandiweyo babo abangasekho ngabantu abakhona abaphilayo.

“Nakuba sesazama saze sayithola enye ingane yesibili eseyineminyaka emibili manje loko akusho ukuthi isizovala isikhala sikaNqaba. Ngifuna ukukhuthaza abantu ukuthi bangazami ukuvala izikhala ngabantu abaphilayo ngoba ngeke kuze kwenzeke, okubalulekile ukuthi ubeke ithemba lakho enkosini konke kuzo lunga.”

Ngeminye imininingwane ngokwethulwa kwale ncwadi ungathinta uNkk Nompilo Gumede enombolweni ethi : 072 182 2993.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.