Umbhidlango wokulwa nobugebengu ngamaholidi

2016-12-14 06:02
PHOTO: nokuthula khanyile UKhansela ku-ward 15 uJabulani Nene.

PHOTO: nokuthula khanyile UKhansela ku-ward 15 uJabulani Nene.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMAPHOYISA esiteshini sasePlessislaer ngokuhlanganyela nezinye izinhlaka ngoLwesithathu olwedlule aphume umkhankaso wokuqwashisa ngobugebengu njengoba kusondele isikhathi samaholidi kaKhisimusi.

Ngeviki eledlule lamaphoyisa ahambele ezindaweni ezahlukene ngaphansi kwe-Plessislaer okubalwa i-Peaceville, Ashdown, Caluza, Edendale, Dambuza, Pata kanye neMbali exwayisa amalungu omphakathi ngobugebengu obuvamise ukwenzeka ngezikhathi zamaholidi.

Kulomkhankaso kuphinde kwanikezwa amalungu omphakathi izinombolo okumele azisebenzise njengoba kuza isikhathi samaholidi.

Umphathi siteshi wasePlessislaer uBrigadier Mduduzi Shezi uthe baxwayisa amalunga omphakathi ukuba avule amehlo ikakhulukazi labo abazobe behlukanisa izimali zesitokofela.

“Siyabaxwayisa ukuthi bangaphathi imali budedengu okungenani bazise amaphoyisa uma benokusaba noma kukhona izinto ezenza basole ukuthi kukhona ubugebengu obungenzeka. Sikhuthaza ukuthi basebenzise izindlela eziphephile zokucaza imali njengokuthi ifakwe kuma akhawunti abo asebhange ingacazwa bukhoma.”

UShezi uthe phakathi kobunye ubugebengu obudlangayo ngalesikhathi sokunyaka ukugqekeza njengoba abantu besuke besemaholidini kanye nokudlwengula.

“Abantu abaningi baphuza utshwala badle nezidakamizwa okugcina kuholele ekutheni benze izinto eziphambene nomthetho bagcine sebezithola sebesenkingeni. Sixwayisa abezindawo zokucima ukoma ezingekho emthethweni ukuba bazivale noma babhekane nengalo yomthetho. Nabazophuza sicela bangashayeli ngoba lokho kubeka izimpilo zabanye abashayeli engcupheni,” kusho uShezi.

Lombhidlango uphelele endaweni yase Fedsem lapho kwadutshulwa khona amalunga amabili e-ANC ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya ngo Agasti 3.

Ikhansela ku-ward 15 uJabulani Nene unxuse amalunga omphakathi ukuthi abambisane namaphoyisa ukuze kugcine kuboshwe ababulali.

“Sicela umphakathi ubambisane namaphoyisa kanye nekhomishana esungulwe undunankulu ukulwisana namacala okubulala enzeka siya okhethweni.

“Siyacela nalabo abanolwazi ngalesigameko baphumele obala babikele amaphoyisa.”

Njengoba kuqhubeka nomkhankaso wezinsuku ezingu 16 zokuvikelwa kwabantu besifazane nezingane uNene unxuse ukuba kubikwe ukuhlukumezeka kwabo nanoma ngabe iyiphi indlela.

“Uma uthandana nomuntu wesifazane siyacela ungamhlukumezi nakulabo ababona izigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane siyacela ukuba bazibike emaphoyiseni ukuze labo abathintekayo beyothola usizo nabahlukumezi baboshwe.”

Uphinde wanxusa amalunga omphakathi ukuba abike labo abadayisela intsha izidakamizwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.