UMchunu uhlule u-Muller

2017-06-21 06:03
Umshayi sibhakela uThabiso “The Rock” Mchunu uhlule uJohnny Muller empini ebiseGoli ngempelasonto. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Umshayi sibhakela uThabiso “The Rock” Mchunu uhlule uJohnny Muller empini ebiseGoli ngempelasonto. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMSHAYI sibhakela wakwaXimba eMkhambathini ngaseNkembathawini (Camperdown) uThabiso “The Rock” Mchunu ushaye into ecokeme ngesikhathi ehlula uJohnny Muller empini ebiseGoli, Emperors Palace ngempelasonto.

UMchunu ubonise zisuka nje emizukiswaneni wokuqala ukuthi akazile ukuzobhaka amakhekhe kodwa uzimisele ukubonisa izwe nomhlaba wonke ukuthi yena uzalwa ubani, uzalwaphi futhi wakhiwe ngani. Ubeshaya isibhakela esinenkosi phakathi kuze kuyovalwa. Nesitha sakhe uMuller ubekuthola kulukhuni ukumelana nezibhakela ekade zikhishwa uMacingwana bezimshaya axakeke futhi abonakale edidizela. Kulempi kucace kwathi bha ukuthi uMuller ubengeke amelane nodalimede nemihlokolozo emibi ebelokhu eyithumela njalo.

Lempi enqotshwe ngamapoyinti uMchunu ichaza ukuthi udle umhlanganiso noma-ke useyinqwele noshampeni weSouth African neAfrican Boxing Union Cruiseweight. Imiphumela itshengise ukuthi wonke amajaji womathathu impi ayinike uMchunu ngamaphuzu kwaba (120-108). Ekhuluma emva kwalempi, uMchunu uthe ubezimisele ngendlela eyisimanga ngalempi futhi namaqhinga akhe asebenze ngendlela akade eyihlelile.

“Iqhinga lami bekuwungamtatazeleli uMuller nokuthi izibhakela zami azizwe ngamandla ukuthi ziyezwakala. Ngamafuphi, iqhinga lami bekuwukumhlasela njalo ngikhiphe noma ngimxake ngezibhakela ezinamandla nemihlokolozo ecikayo. Konke ebingikuhlelile kulempi kungisebenzele. Namaqhinga engiwanikwe uBaba wami nomqeqeshi angisize kakhulu,” kusho uMchunu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.