Umcimbi wamasiko kanye nezemidlalo

2018-10-10 06:05

IMANYAVU Traditional Council ngokuhlanganyela nekhansela lakule ndawo uMnu Nhlanhla Zondi bahlele umcimbi wamasiko kanye nezemidlalo ozobanjelwa e-Gcina Sport Field (Ejikeni) ngoMgqibelo mhla ziyi-6 kuMfumfu (October) kusuka ngehora lesikhombisa ekuseni.

Lo mcimbi okuzobe kungokokuqala wenzeka kuhloswe ngawo ukubuyisela unembeza kubantu, ubakhumbuze lapho bephuma khona uphinde ubagqugquzele ukuba babe neqhaza abalibambayo kwezemidlalo ukuze bezohlala bephilile njalo.

Ngokusho kwekhansela uMnu Zondi uthe njengoba sebewuqalile lo mcimbi sekuzohleli kuyinto eyenzeka minyaka yonke esontweni lokuqala enyangeni.

Uthe: “Sifuna ukubuyisela izimilo kubantu ngoba siyabona ukuthi sekuyalahleka ikakhulukazi kwintsha yethu. Sizama nokwehlisa izinga lobugebengu eliphezulu kakhulu kanye nokusetshenziwa kwezidakamizwa. Angeke size sigcine ngokuthi sibe nemidlalo kuphela ngalolu suku kodwa kuzophinde kuqwashiswe nangobungozi bokusebenzisa izidakamizwa.

“Intsha yethu manje ilahlekelwe onembeza ilahla namasiko. Bazobe befundiswa nangendlela yokuziphatha ukuthi uma ukhula yini elindeleke kuwena ... ingako simeme abantu abahlukene okubalwa kubona amakhosi aseMgungundlovu kanye namakhansela wonke aseMkhambathini ...” kubeka yena.

Kumenywa wonke amalunga omphakathi kanye nabahlali bonke baseMgungundlovu. Amafomu okungenela ezemidlalo ayatholakala ezikoleni zasendaweni, emahholo omphakathi, emtapweni wolwazi waseMkhambathini, Makhambathini Tribal Authority Commitee kanye nakumalunga ekomidi lewadi. Ukungenela kumahala, nokungena ezinkundleni zemidlalo nako kumahala. Ukuvalwa kokungenela uLwesihlanu mhla zi-5 kuMfumfu. Abafuna ukuzonandisa nabo kuzomele bakubhalisele ngaphambi kosuku lomcimbi.

Ngeminye imininingwane ungashayela 031 785 9336/071 453 0839.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.