Umcimbi wezimbongi e-Bessie Head

2018-03-07 06:00
ISITHOMBE: SIthunyelweuScelo Mpungose ongomunye ozobe ekhona kulomcimbi.

ISITHOMBE: SIthunyelweuScelo Mpungose ongomunye ozobe ekhona kulomcimbi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ZIZOSINA zidedelane izimbongi eziphuma kusona sonke isifundazwe saKwaZulu-Natal emcimbini wezimbongi owethiwe “Love potion poetry show” ezoba emtapweni wolwazi i-Bessie Head ngomhlaka 3 kuNdasa ngehora lokuqala emini kuze kube ihora lesihlanu ntambama.

Lo mcimbi uhlelwe i-IPDP ngokuhlanganyela neGubhela Brands ngokuxhaswa uMnyango wezoBuciko kanye namaSiko (Department of Arts and Culture). Imali yokungena kulo mcimbi uR50 umuntu ngamunye.

UNdunduzo Mkhize weGubhela Brands uthe inhloso yalo mcimbi ukunikeza izimbongi ezahlukene ikakhulukazi ezidabuka eMgungundlovu nezindawo ezizakhele ithuba lokubonakalisa ithalente lazo.

“Siyaqala ukuthi senze umcimbi onjengalona kusanda kuqala unyaka sijwayele ukuwenza ngenyanga kaMandulo [September].

“Sibonile ukuthi umcimbi owodwa ngonyaka awunikezi wonke umuntu ithuba lokuthi bazibonakalise njengezimbongi.

“Sifuna ukunikeza wonke umuntu ithuba lokuqhakambisa ubuciko bakhe.

“Asifuni ukuthi izimbongi zethu zigcine seziyofuna amathuba ngaphandle sibe sikhona singakwazi ukubasiza.Sifuna baqale la ekhaya ngaphambi kokuba baphumele ngaphandle. Enye into futhi sizama ukukhulisa indaba yezinkondlo. Indima yezinkondlo isafufusa kanti nathi sifuna kube khona iqhaza libambayo ukulekelela,” kusho yena.

UMnu Mkhize uthe enye into bafuna ukugqugquzela abantu ukuthi beseke izimbongi njengoba nazo zithathwa njengamaciko.

“Izimbongi zinokungahlonipheki okuphuma ikakhulukazi kubahleli bemicimbi.Umuntu afike akubize athi woza emcimbini wakhe uyakuqasha kodwa futhi akutshele ukuthi akanamali.

“Nathi lento esiyenzayo siyenza ngothando kodwa futhi nemali siyayidinga.Iizmbongi eziningi ezinethalente elimangazayo zize zikhethe ukuyeka ithalente lazo zihambe ziyofuna imisebenzi ngisho ezitolo ngoba zibalekela ukuxhashazwa abahleli bemicimbi.

“Njengoba kungenwa ngemali kulo mcimbi indlela esiqala ngayo ukuthi sikhombise abantu ukuthi kufanele bazi ukuthi kuyakhokhwa.”

Amathikithi azotholakala emnyango.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.