Umcimbi wokukhuthaza ukugcina isiko

2020-02-19 06:06

KUZOBANJWA umcimbi wokukhuthaza ukwazisa ngosiko lwakho endaweni yakaDambuza ngeSonto mhla zili-16 kuNhlolanja (February).

Lo mcimbi owethiwe ngokuthi Azibuyele Emasisweni uzobe usehholo iSakhamuzi kusuka ngehora lesi-9 ekuseni kanti kuzobe kungenwa mahhala.

Ngokusho kwekhansela lakule ndawo uMnu Mntuza Mkhize nokunguyena umhleli wawo lomcimbi uthe lona umcimbi waminyaka yonke bahlose ngawo ukuthuthaza intsha esakhula ngokubaluleka kosiko lwabo.

“Kulendawo sinezintombi nto ezihlolwayo nezinsizwa nsi. Ngalomcimbi sizama ukubakhuthaza ukuthi bangayeki ngoba yinhle lento abayenzayo ukuthi bangakhohlwa usiko lwabo. Sifuna bazi ukuthi siyabeseka. Nezingane lezi ezincane ezisakhula sifuna ukuthi zibukele kubona babe isibonele esihle kubona.

“Sifuna ukuqeda lento yokuthi kuhleli kuthiwa ezindaweni zasemalokishini azikho izintombi nto. Sifuna ukuthi abantu babone ukuthi sinazo izintombi kanye nezinsizwa kanti futhi siyalwazisa usiko lethu ezindaweni esihlala kuzona,” kubeka yena.

Kulomcimbi kuzophinde kube khona umncintiswano nalapho khona iqembu elidle umhlanganiso lizowina khona isiklabhu.

Umncintiswano uzoba nemikhakha okubalwa kuyona indlamu, isicathamiya, ingoma yezintombi, ingoma yezinsizwa kanye namarashiya.

Ngeminye imininingwane ungathintana noWanda enombolweni ethi: 071 032 7307 okanye uJomba Amajalidi: 079 155 9852.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.