Umcimbi wosomabhizinisi eMayor’s Garden

2018-08-22 06:01
uMampintsha ozobe engomunye waba­culi abazobe benandisa kulo mcimbi.ISITHOMBE: internet

uMampintsha ozobe engomunye waba­culi abazobe benandisa kulo mcimbi.ISITHOMBE: internet

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMVANANDA Projects ngokuhlanganyela nenkampani yezimoto i-BMW, umasipala uMsunduzi kanye nosomabhizinisi baseMgungundlovu bahlele umcimbi omkhulu wosomabhizini kanye nalabo abasafuni ukungena kwezamabhizini.

Lo mcimbi obizwa nge “Be Unique Event’”uzobanjelwa eMayor’s Garden mhla zingama-29 kuMandulo (September) kusuka ngehora le-12 emini kuze kube isebusuku. Ukungena kulo mcimbi uR70 umuntu ngamunye kanti i-VIP yona uR150.

Ngokusho kukamqondisi weMvananda Projects aphinde abe umhleli walo mcimbi uMnu Buyani Ndebele uthe kuzobe kunezigaba ezahlukene kulo mcimbi. Uthe kuzobe kukhona ezemfashini nalapho abasiki bengqephu bakhona lapha eMgungundlovu bazobe bebukisa khona ngezimpahla zabo, kuzoba khona idili lomculo kuphinde kube khona inkomfa lapho osomabhizinisi asebephumelele bazobe benikezela khona ngolwazi ngezamabhizinisi.

Uthe: “Sekungokwesibili kulonyaka senza lo mcimbi. Into esifuna ukuyenza kakhulu ukuthi silekelele abantu abafuna ukungena kwezamabhizini. Sibanikeza ulwazi, izeluleko kanye nemigudu okumele bayilandele uma befuna ukuqala amabhizinisi abo okanye uma befuna ukuwathuthukisa. Sifuna ukuthi bakwazi ukuzicabangela kahle ngezamabhizinisi bazi futhi nokuthi uma beqala bazoqalaphi.

Abantu abaningi abafuna ukungena kwezamabhizinisi banenkinga yokuthi abazi ukuthi bazoqalaphi kanjani ngoba abanalo ulwazi,” kubeka yena.

Uthe lena futhi ngenye indlela abafuna ukusiza ngayo abasiki be ngqephu bakhona eMgungundlovu ukuba bakhangise ngezimpahla zabo abazenzayo. Uthe akuzugcina ngalokhu kuphela kodwa kuzophinde kube khona nabanye osomabhizinisi abahlukene abazobe bedayisa ukudla kuwona lo mcimbi. Kulo mcimbi kuzobe kukhona abaculi okubalwa kubona uMampintsha , Dj Bongz, Dj Chofi kanye nabanye abaningi.Amathikithi azobe etholakala esangweni ngalo usuku lomcimbi .

Ngeminye imininingwane ungaxhumana noMnu Ndebele enombolweni ethi: 073 503 9200.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.