Umculi kamaskandi nengcwenga ye-albhamu

2017-02-15 06:02
PHOTO: supplied UJabulani ‘Ntombi-Emnyama” Nzuza

PHOTO: supplied UJabulani ‘Ntombi-Emnyama” Nzuza

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNESIFISO sokuthi angabi nedumela eNingizimu Afrika yonkani kodwa lapho eqhamuka khona engaziwa umculi kaMaskandi osanda kukhipha i-albhamu yakhe entsha.

UJabulani ‘Ntombi-Emnyama” Nzuza (39) wase Sweetwaters ukhiphe i-albhamu yakhe yesine ethi Imali yegazi.

Le-albhamu inezingoma ezingu-13 kanti kuzo kukhona azikhonze kakhulu ezithi Imali yegazi kanye nethi Awuhlale phansi. Ekhuluma ne-Maritzburg Echo ngale-albhamu uNzuza uthe isihloko sayo sikhuza abantu abaphilisa imindeni yabo ngemali yegazi.

“Emini uthola ukuthi umuntu ushayela amatekisi kodwa ebusuku uyinkabi ubulala abantu. Uthola ukuthi umkakhe nezingane bakhuluphele kodwa yena uzacile ngoba udliwa umsebenzi wakhe lo wokubulala abantu. Ngikhuza abafwethu ukuthi bayeke ukuhamba lendlela yobumnyama.”

Lomculi ongene endimeni yezomculo ngo 1992 ecula isicathamiya uthe kumphatha kabi ukuthi waziwa kuphela ezindaweni ezikude kodwa ekhaya akaziwa.

“Kuba buhlungu kimina uma ngaziwa koGoli, Eastern Cape kanye nakwezinye izindawo kodwa ekhaya la ngikhuliswe khona futhi ngaqala khona umculo wami ngingaziwa. Njengamanje ngizama ukuthi ngale-albhamu ngikhangise ngomculo wami lapha eMgungundlovu.”

UNzuza uthe ngonyaka ka 1995 wathatha isinqumo sokuziphumela yedwa acule umasikandi ngoba wayenothando lomculo wesintu.

“Bengibukela kakhulu kubantu abafana noMfaz’Omnyama noBhekumuzi Luthuli ibona abagqugquzela ukuthi ngigcine ngisishiyile isicathamiya ngagxila ekwenzeni umaskandi.”

Uthe ngale-albhamu yakhe entsha useqokwe kwaze kwayikane kuma-awadi ehlukene.

“Ngike ngaqokwa kuma 1KZN TV emkhakheni we-Best video, kuma KZN Capital Awards kanye nakuMantshontsho Awards. Kanti futhi ingoma yami ethi Umzala ekwi-albhamu yesithathu idlala kakhulu kumabonakude futhi iyona engibeke kulelizinga engikulo njengamanje kwezomculo.”

UNzuza uthe uyazibhalela yena zonke izingoma zakhe kanti futhi uzincinzela yena nesigingci.

“Izingoma zami ngizibhala ngento eyenzekayo ngaleso sikhathi kanye nalezo zinto abanye abantu abadlule kuzona ngokuba umuntu oxhumana kakhulu nabantu abehlukene kuwo wonke amazing empilo.”

Lomculi akagcini nje kuphela ngokugxila emculweni wakhe kodwa uphinde abe ngumdidiyeli osezingeni eliphezulu. Useke wasebenza nabaculi abafana noBerita, Babsie Mlangeni kanye noBotsotso Mahlaba.

Uphinde aziqhenye futhi ngokuba umculi kamaskandi wokuqala ukumenywa isiteshi sikamabonakude i-Al Jazeera kanti uke wavela nakwi-Morning Live.

I-albhamu kaNzuza iyatholakala ezitolo kanye nakuma iTunes. Uma ufuna ukumbhukha ungashayela ku 082 676 0996 okanye uthumele umyalezo kaWhatsApp ku 063 075 6422. Uyatholakala nakuFacebook ekhasini elithi : Intombemnyama JJ Nzuza.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.