Umculi unesifiso sokusebenzisana noDj Tira

2020-02-05 06:00

UMCULI wegqom’ osakhula wasendaweni yaseSobantu uthi uyafisa ukuthi ngelinye ilanga naye azibone esebenzisana nabaculi abakhulu abafana no-DJ Tira.

UMlungisi Zuma (21) uzokhipha i-Extended Play(EP) yakhe mhla zingama-29 kuNhlolanja (February).

Ekhuluima ne-Echo uZuma nowaziwa ngo ‘Mlumisto’ endimeni yezomculo uthe le-EP inezingoma eziyisithupha (6) kanti uthi uyathemba ukuthi abantu bazoyithokozela kakhulu.

“Ngijabule kakhulu ukuthi nami ekugcineni ngikwazi ukuthi ngikhipha i-EP ngoba loko bekuhleli kuyisifiso sami kudala nje ngisakhula.

“Into engiyibhekile manje ukuthi ngiqhubeke ngisebenze kanzima ukuze umculo wami uzokhula waziwe. Ngifisa ukuthi ngigcine sengikwazi ukuthi nami ngigcine sengisebenzisana nabaculi abakhulu asebenesikhathi eside kakhulu besendimeni yezo mculo.Angifuni nje kodwa ukugcina lapho ngiyafisa ukuthi umculo wami nami ugcine usuwaziwa umhlaba wonke,”kubeka yena.

UZuma uthe waqala ukwenza umculo eminyakeni emithathu eyedlule.

Uthe ukhule engumuntu owuthandayo vele umculo kanti ubehlezi enephupho lokuthi abe ngumculi ngelinye ilanga.

“Ngikhule ngilalela wona umculo we gqom’ kuthe uma ngabe sengikhulile ngabe sengicela abangani bami akade sebengenile endimeni yezomculo ukuba bangisize nami ukuze ngizokwazi ukungena,” kubeka yena.

Nakuba kuyi-EP yakhe yokuqala uZuma uthe kodwa ngaphambilini useke wazikhipha izingoma. Uthe i-EP yakhe izotholakala kuzona zonke izindawo zomculo kwi-internet.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.