Umdwebi ufisa ukufundisa abanye abasakhula

2019-11-20 06:00

UMDWEBI osafufusa wasendaweni yaseCopesville uthi kuyisifiso sakhe ukuthi ngelinye ilanga agcine esenawo yakhe eyisikole yokufundisa abanye abantu ukudweba esebenzisa ikhono lakhe. UBandile Nongwejane (21) uqale ukudweba eneminyaka eyi-8 kuze kube imanje akakaze ayeke. Udweba esebenzisa ipeni lomsizi.

Ekhuluma ne-Echo uthe ukudweba seloku akuthanda esemncane kuze kube imanje. Uthe ukuqala kwakhe ukudweba ubedweba kakhulukazi abantu abaziwayo kodwa manje usedweba izinto ezahlukene nathe lena kuyindlela azama ukuthuthukisa ngayo ikhono lakhe.

“Angibi naso isizungu uma ngidweba ngoba ngisuke ngenza into engiyithandayo nengifuna ukukhula nayo ngiyenza. “Isifiso sami ukuthi ngifuna ukudlulisela ulwazi lwami kanye nethalente lami kwabanye abantu abasakhula abanothando lokudweba. Kumanje kukhona omunye engimatasa naye engimfundisayo ukuze naye ezohamba aqhubeke azithuthukise aphinde afundise nabanye,” kubeka yena. UBandile uthe ufuna ukukhulisa ithalente lakhe kuze kube uba nesikole lapho ezofundisela khona izingane ukudweba.

“Emphakathini engiphila kuwona babili bathathu abanethalente elifana nelami, kodwa nginesiqiniseko baningi abakuthandayo ukudweba nabangafisa ukukwazi ngelinye ilanga,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.