Umdwebi uzokhangisa ngekhono lakhe phesheya

2019-08-14 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweUSyabonga Skhosana, ophesheya kwezilwandle.

ISITHOMBE: sithunyelweUSyabonga Skhosana, ophesheya kwezilwandle.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMDWEBI kanye nomupendi wasendaweni yase-Edendale, uMnu Syabonga Sikhosana, uqokwe ukube abe yingxenye yabantu abazokwenza ukudweba kwamatshe okwaziwa ngokuthi i-Rock Art ezweni iSeychelles.

USkhosana ulifulathele leli ngoLwesibili olwedlule mhla zingama-30 kuNtulikazi.

Ekhuluma ne-Echo, uthe ujabule kakhulu ngaleli thuba kanti futhi unethemba lokuthi kukhulu azokufunda. “Ukuthi nami ngikwazi ukuphuma ngihambe ngiyokhombisa ngethalente lami kwamanye amazwe leyo into enkulu kakhulu. Kuyakhombisa ukuthi umsebenzi wami wezobuciko uyakhula kanti futhi nabantu abaningi bayawubona ubuhle bawo,” kubeka yena.

Uthe ukuhamba kwakhe kuza ngemuva kokuba eqokwe enye yezinkampani zaseThekwini ukuba ahambe ayophakamisa ifulegi lakuleli phesheya kwezilwandle.

Uthe le nkampani yabona umsebenzi wakhe ngesikhathi enza yona i-Rock Art eThekwini.

“Ngiyakholelwa ukuthi uma ngabe uthole ithuba elifana naleli kumele ulisebenzise ngendlela efanele wenze isiqiniseko sokuthi ushiya umaka ukuze abantu bezobona umsebenzi wakho owenzile ngisho ungasekho wena kuleyondawo,” kubeka yena.

Uqhube wathi iphupho lakhe ukuthi ahlale ekhula njalo kulendima akuyona, angagcini ngokufunda izinto phansi ukuthi zenziwa kanjani, kodwa athole nethuba lokuthi azenze.

USkhosana uthe uzoba kuleli lizwe isikhathi esilinganiselwa kwesingangenyanga ngaphambi kokuba abuye eze kuleli.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.