UNINA womfana ofunda esikoleni samabanga aphakeme iZamazulu Secondary eMbali uthi ufuna uMnyango wezeMfundo esifundazweni iKwaZulu-Natal ungenelele ngemuva kokuxoshwa kwendodana yakhe esikoleni ngenxa yokuthi ifake ubuhlalu basesontweni.
Lo mfundi oneminyaka eli -15 owenza uGrade 10 kulesi sikole kuthiwa utshelwe omunye wothisha esikoleni ngoLwesihlanu olwedlule mhlaka-1 kuNhlolanja (February) ukuthi angabuyi esikoleni futhi angangeni uma kungukuthi usafake ubuhlalu akade ebufake esandleni.
Lobu buhlalo obubizwa ngokuthi ‘Isivumelwano’ kuthiwa lo mfundi wabuthola ebandleni lapho esonta khona i-The Revelation Church of God.
Lobu buhlalu obunemibala eyahlukene kuthiwa bukhombisa ukuthi lowo muntu osuke esebufakile usuke esenze isivumelwano noNkulunkulu kanye noMlandeli (umholi ngolimi olujwayelekile) wakhe esontweni ukuthi usephila aphinde alandele imigomo yesonto.
Lo mfundi kuthiwa ubengaqali ukubufaka lobu buhlalu esikoleni njengoba selokhu abufaka ngesikhathi ethatha isivumelwano ezinikela esontweni.
Ngokuthola kwe-Echo ngonina walo mfundi, uNkk. Eunice Mbokazi, uthe wafonelwa omunye wothisha esikoleni ngoLwesihlanu embuza ngalobu buhlalu kanye nebandla lo mfana akhonza kulona.
“Ngesikhathi bengifonela bengibuza ukuthi kungani efaka ubuhlalu esikoleni ngangizwa ukuthi bayamuthethisa kusukela lapho-ke umoya wami awukaze uphatheke kahle.
“NgoMsombuluko ngihambe naye umfana wami ukuyozwa esikoleni ukuthi kungani engavunyelwa ukuthi afunde ngoba efake into akholelwalo kuyona. Bangitshela ukuthi abanye abafundi bafika nezinto ezikoleni kanti bazothakatha ngazo bese abanye abafundi baqale bahayize.
“Ngizamile ukubachazela ukuthi ayikho into efana naleyo ,kodwa bathi angibuye nomfundisi wesonto azizele yena esikoleni azochaza ukuthi buyini lobu buhlalo. Bangitshele nokuthi kumele umfundisi abhale incwadi efungelwe (affidavit ) achaze ukuthi lobu buhlalu ‘Isivumelwano’ ngesani bese kuba khona nesigxivizo sasemaphoyiseni,” kubeka yena.
UNkk. Mbokazi uthe uhlukumezekile ngenxa yale nto kanti nengane yakhe nayo ithukile kanti futhi ihlukumezekile.
“Ngiphoqeleka ukuthi ngilokhu ngilova emsebenzini ngoba ngizama ukulungisa lolu daba. Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi ingane yami yayihlushwa ukugula kakhulu yabe isizinikela esontweni lapho yathola Isivumelwano yaba ngcono kodwa manje sekuthiwa ngeke ize ifunde uma kungukuthi isifakile. Ngingathanda uMnyango ukuba ungenelele ungisize ngoba naye lena inkolo yakhe,” kubeka yena.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnu. Sihle Mlotshwa uthe bengumnyango abahambisani nokuxoshwa komfundi nanoma yingasiphi isizathu .
“Into eyenziwe ukuthi kuxoshwe umfundi ayilungile ngoba wonke umuntu unelungelo lokusonta lapho ethanda khona. Akekho uthisha onegunya lokuxosha umfundi ngisho kungathiwa wenzeni esikoleni. Lowo mfundi unelungelo lokukhonza lapho ethanda khona. Sizothinta ihhovisi leSifunda saseMgungundlovu ukuze lizoxhumana nesikole sibhale umbiko ukuthi umfundi uxoshwe ngaziphi izizathu. Umfundi yena kodwa kumele abuyele esikoleni,” kubeka yena.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwesonto ayiphumelelanga njengoba bekusalindwe imvume ebeyiphuma kubaphathi abakhulu kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.