Umfundisi uhlonishwe ngeziqu zobudokotela

2018-07-18 06:01
Kwesokunxele uMnuz Sfiso Mngadi ongumphathi wabantu abasha kuleli bandla noDkt Phinius Myeza osanda kwethweswa iziqu.ISITHOMBE : sithunyelwe

Kwesokunxele uMnuz Sfiso Mngadi ongumphathi wabantu abasha kuleli bandla noDkt Phinius Myeza osanda kwethweswa iziqu.ISITHOMBE : sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMFUNDISI webandla i-Holy Messenger endaweni yaseMpophomeni, uDkt Phinius Myeza, uthi namanje akakholwa ukuthi useneziqu zobudokotela.

Lokhu kuza ngemuva kokuba i-Church of Council eThekwini ihloniphe lo mfundisi ngeziqu zobudokotela ngoba bebona imisebenzi emihle ayenzela ibandla nemiphakathi eyahlukene muva nje.

Exoxa ne-Echo uDkt Myeza uthe akakholwanga ngesikhathi etshelwa ukuthi uzohlonishwa ngeziqu zobudokotela.

Uthe ngisho nangesikhathi eseyo thweswa iziqu esiteji amadolo ayevevezela kwaze kwaba uyaphuma.

“Kuze kube yimanje angikakakholwa ukuthi ngempela sengiwudokotela. Lena yinto engangihleli ngiyibukela kude angikaze ngizitshele ukuthi umuntu ofana nami ongafundile angagcine esenalezi ziqu. Mina bengizenzela umsebenzi wami ngingazi ukuthi kukhona abantu abawubonayio nabawujabulelayo.

“Ngangihleli ngizitshela ukuthi lena yinto yabantu abafundile. Ngiyathemba ukuthi kuzohamba isikhathi ngigcine sengijwayele ukuthi ngempela ngingudokotela manje. Kuyangikhuthaza kakhulu lokhu ukuthi ngiqhubekele phambili ngisebenze kanzima ngokuzikhandla ngikhulise ibandla ngiphinde ngisebenzele nemiphakathi yakithi,” kubeka yena.

Uthe ngesikhathi ethatha izintambo kuMbhishobhi omdala ongasekho emhlabeni ngo-2007 ibandla lali namagatsha ayi-11 kuphela kodwa manje selikhule laze laba namagatsha angama-27 esifundazweni iKwaZulu-Natal .

Uthe ngesikhathi eqala ukuthatha izintambo kwakungekho lula kodwa wabekezela ngoba wayazi ukuthi ufunani.

“Namanje ngeke ngize ngisho ukuthi kulula, kusamele umuntu aqhubeke asebenze ngokuzikhandla ukukhulisa ibandla ukuze libe nomthelela omuhle emphakathini. Angifuni ukuthi abantu bazi ukuthi leli yibandla nje kuphela lapho kudunyiswa khona uNkulunkulu, kodwa kumele bazi ukuthi lena yindawo abangakhalela kuyona futhi iyingxenye yomphakathi uma udinga usizo.

“Sifuna leli bandla lifundise intsha indlela yokuziphatha, liyifundise inhlonipho liphinde lifundise nawo wonke amalungu omphakathi ukuthandana nokwesekana ngaso sonke isikhathi. Ngifuna liphinde likhule liphumele nakwezinye izindawo,” kusho uDkt Myeza.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.