Umfundisi uhlonishwe ngeziqu zobudokotela

2019-12-18 06:00
ISITHOMBE: sithunyELweUDokotela Nicholas Gwala kanye nonkosikazi wakhe uNkk Gugu Mthalane-Gwala.

ISITHOMBE: sithunyELweUDokotela Nicholas Gwala kanye nonkosikazi wakhe uNkk Gugu Mthalane-Gwala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMFUNDISI webandla i-Restoration of Grace Community Church (ROGCC) uDokotela Nicholas Gwala uhlonishwe ngeziqu zobudokotela yi-National Congregation School of Theology ezinze phesheya kwezilwandle e-Los Angeles.

Umcimbi wokuhlonishwa kwakhe ububanjelwe e-City Hall ngoMgqibelo mhla ziyi-7 kuZibandlela (December).

UDokotela Gwala uhlonishwe ngemisebenzi yakhe ayenzayo ebandleni kanye nemisebenzi yakhe ayenzela umphakathi.

UGwala useneminyaka eli-16 asungula leli bandla kanti usenamagatsha ayisikhombisa, amane eMgungundlovu, eManguzi, eMandeni kanye nase-Standerton (esifundazweni iMpumalanga).

Ekhuluma ne-Echo uthe yena ubezenzela umsebenzi kaNkulunkulu kanye nento ayithandayo yokusiza umphakatji ubengazitsheli ukuthi kukhona abantu ababhekile abangase bamuhloniphe ngeziqu ezinkulu kangaka.

Imisebenzi yakhe yokusiza imiphakathi ihlanganisa ukusiza izintandane, ukwaluleka imindeni enezinkinga, ukukhuthaza nokukhulisa abantu besifazane kanye nentsha ukuba baqhubekele phambili nemfundo, aphinde alekelele labo abasebenzisa izidakamizwa kanye nophuzo oludakayo ukuba bathole usizo ngokomoya kanye nasemphefumulweni.

“Yonke into engiyenzayo isuka ngaphakathi ekujuleni kwenhliziyo ngiyenza ngoba ngifuna ukusiza abantu ngiphinde ngidlulise iZwi likaNkulunkulu ngothando. Mina ngikhule kanzima ngenza izingadi kanti unkosikazi yena sitholane kade esebenza emakhishini.

“Yonke into esiyenzayo yingoba asifuni ukuthi abanye abantu baphile impilo enzima esike sayiphila thina,” kubeka yena.

Uqhube wathi ukuhlonishwa kwakhe ngalezi ziqu kuyamkhuthaza kakhulu ukuthi asebenze aqhubekele phambili asize abantu abadinga usizo.

“Njengoba sengihlonishwe nangalezi ziqu abantu abaningi bazobe sebebheke ngamehlo abomvu ukuthi ngiyawuqhuba yini umsebenzi wami. Kumanje enkonzweni yami ngifundisa bonke abantu abasha abakhona ngibahambise enyuvesi bayofunda ngibakhokhele mina kanti iningi labo selathola ngisho iziqu liyasebenza. Abakhona manje yilabo abasafunda amabanga aphezulu esikoleni. Abadinga usizo lokwelashwa nabo ngiyabakhulekela nabo ngibasize ukuze baphile.” Ngaphandle kokuba umfundisi uDkt Gwala ungumsebenzi wasebhange kanti uphinde abe ngumsakazi emsakazweni womphakathi uMgungundlovu FM kusukela ngoLwesihlanu kuya osukwini lwangeSonto. NgoLwesihlanu ushayela uhlelo oluthi Imvuselelo phakathi kuka-7 pm no-9 pm, ngoMgqibleo ushayela uhlelo Izwi LikaNkulunkulu Liletha Ukuhlakanipha phakathi kuka -7.30 am kuya ku-8.30, bese kuthi ngeSonto ashayele uhlelo oluthi Bika Kuye oludlala phakathi kuka-8 pm no-12 am.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.