Umfundisi uzokwethula i-albhamu entsha

2017-11-22 06:02
Umfundisi Bongani Mchunu webandla i-International Christian Brethren Church elise Imbali Unit J uzokwethula i-albhamu yakhe entsha isihloko sayo esithi Kuyomsizani Umuntu. Isithombe: Sithunyelwe

Umfundisi Bongani Mchunu webandla i-International Christian Brethren Church elise Imbali Unit J uzokwethula i-albhamu yakhe entsha isihloko sayo esithi Kuyomsizani Umuntu. Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UZOKWETHULA i-albhamu entsha yomculo wokholo umfundisi (umfu.) Bongani Mchunu webandla i-International Christian Brethren Church elise Imbali Unit J.

Le albhamu isihloko sayo esithi Kuyomsizani Umuntu izokwethulwa mhlaziyi 1 kuDisemba ngo-6 ntambama e-Bethel, Imbali Unit J.

Umfu. Mchunu uthe emcimbini wokwethulwa kwale albhamu kuzobe kukhona amaqembu okudumisa kanye namabandla ahlukahlukene kanti futhi kuzobe kuqoshwa i-DVD yayo.

“Kuzobe kukhona nezinkulumo zokukhuthaza abantu, osonkondlo, abadansi kanye nabaculi bowokholo okubalwa kubona uNathi noNkanyiso, uDumi Bee, Nqokonqoko, Sandile Ntombela, Bishop Kwazi Mchunu, Nondumiso Hadebe kanye noXolani Shandu,” kusho yena.

Amathikithi okungena angu-R50 kanti atholakala emsakazweni Capital FM noma ungaxhumana noNelly ku 078 476 4665 noma uThandeka ku 063 845 2211 noma uMfu. uMchunu ku 082 832 1936.

Umfu. uthe zikhona izingoma ezikule albhamu esezidlala emsakazweni i-Capital FM kanti kukhona namanye amacwecwe athunyelwe emisakazweni yomphakathi eyahlukene.

Uqhube wathi isihloko sale albhamu sisukela kumuBhalo weBhayibheli othi kuyomsizani umuntu ukuzuza umhlaba wonke kodwa alahlekelwe umphefumulo wakhe.

“Umyalezo obalulekile ukuthi abantu kumele bemazi uNkulunkulu ngisho bephumelela ezimpilweni zabo,” kusho uMfu. Mchunu.

Uthe kwingoma enesihloko esifanayo nese albhamu usebenze noNkanyiso kanye noDumi Bee.

“Abaculi abakhula esontweni laba, noma sebekhule kakhulu kumkhakha wezomculo kodwa baqala esontweni yingakho ngikhethe ukusebenza nabo,” kusho yena.

Omunye umuntu asebenze naye kule albhamu uMnu. Thabani Hadebe we-Pinnacle Studio la eqoshelwe khona.

I-albhamu yesibili le ezokwethulwa umfundisi, eyokuqala isihloko sayo esithi Message of the Cross ikhishwe ngonyaka ka-2015.

ZIWINELE

Ungaziwinela i-albhamu entsha kamfundisi webandla i-International Christian Brethren Church elise Imbali Unit J, umfu. Bongani Mchunu.

Ukuthola ithuba lokuziwinela le-albhamu qala ngokuthanda ikhasi le-Echo ku-Facebook bese ulindela lolu daba ukuthi lushicilelwe kuleli khasi bese uphendula umbuzo ozoshicelelwa kanye nalolu daba.

Umuntu ozowina i-albhamu umuntu othanda ikhasi le-Echo ku-Facebook.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.