Umhleli wemicimbi uhlonishwe ngendondo

2019-09-11 06:02
ISITHOMBE: SITHUNYELWEEmcimbini wokwemukelisa indondo (kusukela kwesobunxele) uMnu Pillay, Sphamandla Buthelezi kanye noMnu Nduduzo Nzuza.

ISITHOMBE: SITHUNYELWEEmcimbini wokwemukelisa indondo (kusukela kwesobunxele) uMnu Pillay, Sphamandla Buthelezi kanye noMnu Nduduzo Nzuza.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMHLELI wemicimbi wasendaweni yaseCaluza nophinde abe ngu-DJ, uSphamandla Buthelezi uhlonishwe ngendondo yokuba umhleli wemicimbi ovelele eMgungundlovu ngaphansi kwenkampani Sihamba noCool Entertainment.

Lo mcimbi wokuhlonishwa kwakhe ubuseBessie Head Library ngoMgqibelo mhla zingama-31 kuNcwaba (August).

Ekhuluma ne-Echo uButhelezi uthe waqala ukungena endimeni yokuhlela imicimbi ngonyaka wezi-2016.

Lo mcimbi ubuhlelwe uNdumiso Nzuza we-TLA Events ngokubambisana neBoston College.

“Ngijabulile kakhulu ngoba lokuhlonishwa kushokona ukuthi umsebenzi wami engiwenzayo uyabonakala. Okwenza ukuthi ibaluleke kakhulu le ndondo ukuthi ngiyithole ngosuku lwami lokuzalwa,” kubeka yena.

Uthe uzimisele ngokuthi aqhubeke ngokuthi asebenze kanzima kulo mkhakha wokuhlela imicimbi. “Isifiso sami ukuthi ngonyaka ozayo ngibe sengiqala ukuhlela imicimbi yangaphandle ezoba sezinkundleni zemidlalo kanye nasemapaki. Iyona ndlela nami engifuna ukukhula ngayo.

“Ngiyafisa ukuthi ngelinye ilanga nami ngigcine sengikwazi ukuthi ngisebenzisane noDJ abakhulu abafana no-Black Coffee,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.