Umkhandlu wenkosi unikele ngomfaniswano

2019-04-03 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi kuzonikelwa ngomfaniswano.

ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi kuzonikelwa ngomfaniswano.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMKHANDLU wenkosi Amanyavu Traditional Councillors ngokuhlanganyela namakhansela uMnu Siphiwe Ngidi (ward1) kanye noMnu Rodger Zondo (ward2), abamatekisi kanye nenkampani i-AfriSam banikele ngemifanswano kubafundi basezikoleni ezingaphansi kwesizwe seNkosi uMadlala endaweni yaseMkhambathini.

Abafundi abali-182 ezikoleni ezili-12 bahlomulile kulolu hlelo olusungulwe wumkhandlu wenkosi.

Ngokusho kukaMnu Zazi Dlamini noyilunga lomkhandlu weNkosi uMadlala, uthe lolu hlelo lungezinye zezindlela zokuzama ukukhombisa abantu ukuthi kukhona ukusebenzisana phakathi komkhandlu wenkosi kanye namakhansela.

“Abantu kumele bazi ukuthi umsebenzi womkhandlu akusikona ukuqula amacala kuphela kodwa unendima oyidlalayo ekuthuthukiseni umphakathi,” kubeka yena.

Uqhube wathi akusikona okokuqala lo mkhandlu wenza uhlelo olufana nalolu njengoba ngonyaka owedlule wanikela esikoleni eNkanyezini Primary ngomfaniswano kubafundi abangama-30.

Uthe lolu hlelo sekuyinto abazoqhubeka bayenze njalo ngoba bayakholelwa ukuthi akumele njalo kuhleli kulindwe uhulumeni ekutheni kumele kube nguye oqhamuka namasu okuthuthukisa umphakathi.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.