Umlingisi osakhula uqokwe kowezindondo

2019-10-23 06:01

UMLINGISI osemncane wasendaweni yase-France Phase 5 ucela usizo emphakathini waseMgungundlovu namaphethelo ukuba umvotele njengoba eqokwe emcimbini wezindondo i-Live Your Dream SA Youth Awards nezoba mhla zingama-30 kuLwezi(November). U-Anele Jili nowenza ibanga lika Grade 11 esikoleni samabanga aphezulu iSukuma, uqokwe emkhakheni we-Best Upcoming Actress.

Ekhuluma ne-Echo u-Anele uthe ujabule kakhulu ngaloku kanti futhi unethemba lokuthi kuzomuvulela eminye iminyango endimeni kaqedisizungu .

“Ngiqale ukulingisa ngonyaka wezi-2017 ngemuva kokuba ngihlabane nethuba lokuthi ngilingise emdlalweni osihloko sithi ‘Funulwazi’s article’ nalapho ngangiwumlingisi oqavile khona. Ngaphambi kokuba ngithole ithuba lokuba ngilingise kulomdlalo bengijwayele ukuthola iziqephu ezincane zokulingisa ngangingakaze ngibe umlingisi oqavile.

“Ngesikhathi ngikhula vele bengikuthanda ukulingisa kube ukuthi amathuba ebengingawatholi kahle.

“Ukulingisa kumina ithalente lami kanti kuyiphupho lami futhi ukuthi ngelinye ilanga nami ngicgine sengibonakala ngivela emidlalweni emikhulu kamabonakude,” kubeka yena.

Unxuse abantu baseMgungundlovu ukuba bamvotele ukuze ezokwazi ukuthi abuye nalendondo ekhaya.

“Ukubuya kwami nalendondo kuzokwazi ukuthi kukhuthaze nabanye abalingisi abasakhula kanye nalabo abasafuna ukungena emkhakheni wezokulingisa.”

Ukuvotela u-Anele SMS LYD1226 ku-45633. I-SMS ibiza u-R1.50. Ungavota noma ikangaki.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.