Umlingisi ufisa ukuba nohlelo kumabonakude

2019-07-03 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweNoluthando Mkhize.

ISITHOMBE: sithunyelweNoluthando Mkhize.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMLINGISI wasendaweni yaseNkanyezini eMkhambathini uthi uyafisa ukuthi ngelinye ilanga naye agcine esenohlelo lwakhe kumabonakude.

UNks Noluthando Mkhize (26) nophinde abe ngusomahlaya uqale ukulingisa eseyingane enza umdlalo weshashalazi wabe eseqala ukulingisa kumabonakude ngonyaka wezi-2017 nalapho kade elingisa khona indawo kaNombuso emdlaweni othi Isitulo kuMzansi Magic (161).

Uphinde wabonakala emdlalweni othi Imbeleko nalapho ayedlala khona indawo yesangoma uMakhosi uHlophe nawo obonakala kuMzansi Magic.

Ekhuluma ne-Echo uNks Mkhize uthe ngaphambi kokuba athole lezindawo azilingisayo akuzange kube lula kangangoba wayehleli ezibuza njalo ukuthi kungabe kukhona yini into engalungile ngaye okanye ukulingisa kwakhe.

“Ngangihleli ngihamba izinhlokhono kodwa ngingabizwa ndawo. Indlela bekunzima ngayo ngake ngahamba ngaya kwenye inhlolokhono kanti abantu nje ababefuna ukusithathela izimali zethu. Ngatshelwa ukuthi ngikhokhe u-R800 ngizofonelwa kodwa kuze kube yimanje abakaze bafone. Ngoba ngangiyifuna le nto angikaze ngiphonse ithawula ngoba ngangazi ukuthi ngifunani,” kubeka yena.

Uthe usafuna ukuthi aqhubeke kule ndima yezokulingisa wathi izindawo asezidlalile kulemidlalo sezimfundise lukhulu kangangokuba usenezinhlelo azenzayo ezinkundleni zokuxhumana u-Facebook nalapho esuke exoxa khona ngezinkinga abantu ababhekana nazo othandweni.

“Iziqephu engidlale kuzona izona ezingikhuthazile ukuthi ngenze loku kodwa angifuni ukuthi kugcine lana kuphela nje.

“Abantu abaningi bayasaba ukukhuluma ngezinto ababhekana nazo ebudlelwaneni babo ngalezi zinkulumo engizenzayo ngizama ukusiza abantu ukuthi bakwazi ukubhoboka bakhulume ngezinto ababhekana nazo ebudlelwaneni babo,” kubeka yena.

UNks Mkhize uphinde wayala abanye abalingisi abasakhula ukuthi bangavumeli izindawo abaphuma kuzona kube izona ezibavimbayo ekusukumeni balandele amaphupho abo.

“Uma ngabe ufuna into sukuma uyilwele eyakho leyo nto futhi uzophumelela. Mina ngiphuma ekhaya kanti ngesikhathi ngisakhula ngisho ukuthi ngelinye ilanga ngifuna ukuzibona kumabonakude bebengitshela ukuthi ngiyaphupha angeke kuze kwenzeke loko kodwa bheka manje. Ngesikhathi bematasa belandela amaphupho abo kumele baphinde baqaphele ngoba ziningi izigebengu kulo mkhakha kumele babhekisise ngaphambi kokuba bakhiphe izimali,” kubeka yena.

Uma ngabe ufuna ukubona izinkulumo zikaNks Mkhize ungamulandela ekhasini lakhe lika-Facebook.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.