Umncintiswano webhola lezinyawo eBB5

2019-04-17 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweUMnu David Ndlovu nongumsunguli walo mncintiswano.

ISITHOMBE: sithunyelweUMnu David Ndlovu nongumsunguli walo mncintiswano.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUZODLALWA umncintiswano webhola lezinyawo eMbali Unit BB5 nobizwa ngokuthi i-Freedom Month Tournament nozobe wenzeka okokuqala ngqa kulonyaka.

Lo mncintiswano uzobe usezinkundleni zemidlalo zasesikoleni samabanga aphakeme Ikusasa Elihle High ngoMgqibelo mhla zili-13 kuMbasa (April) kusukela ngehora lesishiyagalolunye ekuseni (9am).

UMnu David Ndlovu nokunguyena umsunguli walo mncintiswano uthe inhloso yawo ukuthi uhlanganise intsha ndawonye wenze izinto ezinhle kunokuba ibe uvanzi emgwaqeni.

“Njengoba siqala ukwenza lo mncintiswano kulo nyaka sizoqala ngamaqembu abafana abadlala ibhola lezinyawo abangaphansi kweminyaka eli-17 kuphela.

“Sifuna ukuthi sibanikeze ithuba lokuthi bakwazi ukuveza amathalente abo emphakathini baphide babambe iqhaza futhi ekulwisaneni nezinto ezihlupha umphakathi okufana nobugebengu, ububha kanye nokusetshenziswa kwezidakamizwa.Sifuna bazi ukuthi z iningi izinti ongazenza ngethalente lakho bazi futhi ukuthi nabo likhona iqhaza abangalibamba ekulekeleleni umphakathi ngezinkinga obhekene nazo,” kubeka yena.

Ukungenela kwamaqembu kulo mncintiswano kumahhala. Ngeminye imininingwane ungaxhuma noMnu David Ndlovu enombolweni ethi : 083 543 4913.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.