Umndeni kaMaqatha uyagonyuluka

2018-09-26 06:00
PHOTO: lethiwe makhanyaAmalunga omndeni kaMnu Msawenkosi Maqatha Mchunu ngesikhathi ebize isithangami nabezindaba ngoMsombuluko.

PHOTO: lethiwe makhanyaAmalunga omndeni kaMnu Msawenkosi Maqatha Mchunu ngesikhathi ebize isithangami nabezindaba ngoMsombuluko.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI kaMnu Msawenkosi Maqatha Mchunu ugonyuluke ngabo bonke ubuhlungu obuzwayo kulandela ukuboshwa nokuvela kwabasolwa abayisithupha enkantolo ngecala lokubulawa kwakhe uMaqatha.

Lo mndeni ububize isithangami sabezindaba ngoMsombuluko mhla zili-17 kuMandulo (September) nalapho kade bephawula khona okokuqala ngqa ngemuva kokuboshwa kwabasolwa.

Lo mndeni uveze ukuthi ukubona kwabo abasolwa abakade bevele enkantolo ngesonto eledlule kubavusele amanxeba amadala abekade engakapholi.

Kulaba basolwa kubalwa ikhansela laka-ward 10 uMnu Nkosinathi Gambu,Skhanyiso Zimu, Sfiso Mbelu, Mlungisi Zimu, Ayanda Ngubane kanye noGift Zungu. labasolwa bazobuyela futhi ngoLwesine enkantolo (namhlanje) nalapho bezofaka khona isicelo sebheyili.

Bathe bayakwamukela ukuboshwa kwabasolwa kanti futhi bayathemba ukuthi bazogqunywa ngaphakathi bangayitholi ibheyili.

UMnu Syabonga Mchunu nongumkhulumeli walo mndeni uveze ukuthi njengomndeni sebenqume ukub abaqashe ithimba labameli abazobalekela ngesikhathi kuqhubeka leli cala ukwenza isiqiniseko sokuthi azikho izimbobo ezisalayo ngesikhathi kuqhubeka icala. Uthe nakuba bekwamukela ukuboshwa kwabasolwa ukubabona bevele enkantolo ngesonto eledlule kubavusele amaxeba akade engakapholi.

“Usuku lwabasolwa bevela okokuqala enkantolo lusihlukumezile kakhulu ligubhe amanxeba akade engakapholi. Kunokuba sithole izimpendulo kuqhamuka eminye imibuzo eminingi esingenazo izimpendulo zayo. Kusithinte kakhulu ngoba futhi laba bantu ababoshiwe abantu esibaziyo,” kubeka yena.

Lo mndeni uthe uyakholelwa ukuthi njengoba laba basolwa sebeboshiwe kumele bebhadle ejele bangayitholi ibheyili.

“Kubuhlungu abasolwa ungabazi kuzoba buhlungu kakhulu usubabona futhi behamba emgwaqeni ekubeni nina nilahlekelwe ilunga lenu lomndeni. Izingane sezizokhula zingamazi ubaba wazo ngenxa yabantu abathize nabangabaholi basendaweni abangaqhelile nalapho nathi sihlala khona,” kubeka uMnu Lindinkosi Mchunu.

Lo mndeni uphinde wancoma amaphoyisa ngomsebenzi wawo awenzil. Abasolwa bonke abayisithupha bazovela enkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu namhlanje (ngoLwesine) nalapho kulindeleke khona ukuba bazofaka isicelo sebheyili..

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.