Umndeni wowadutshulwa epulazini ufuna ubulungiswa

2018-05-02 06:01

UMNDENI wowesilisa owadutshulwa wabulawa umnikaziwepulazi i-Craigs eMshwathi uthi aweneme ngendlela umthetho ophethe ngayo icala.

Lokhu kulandela ukudedelwa ngebheyili kukaMnuz Philip Solomon yinkantolo eNkulu yaseMgungundlovu emasontweni amabili adlule.

UMnuz Solomon udedelwe ngebheyili yemali engu-R50 000 ngecala lokudubula abulale uMnuz Mothi Ngubane (42) ngoZibandlela (December) ngonyaka ophelile.

Umndeni kamufi uthi uphatheke kabi ngendlela umbuso namaphoyisa enza ngayo.

Uthi ngesikhathi umsolwa eyovela enkantolo wathola ibheyili kodwa abazange baziswe njengomndeni ukuthi icala selise enkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

UMnuz Max Lembede oyilungu lomndeni ebelihlala naye umufi uthe bebazi ukuthi icala liyoze libuyele enkantolo mhlaka-19 kuMbasa.

“Siyile enkantolo kodwa satshelwa ukuthi icala lihlehliselwe umhlaka-13 kuNhlangulana (June) sangatshelwa nokuthi kungani lihlehlile.

“Asiphathekile kahle siwumndeni ngoba nodaba lokuthi umsolwa usethole ibheyili sayizwa ngabantu thina singayazi kungekho umuntu oxhumane nathi. Ngize ngafonela umphenyi wecala kwayima ngithola ukuthi umsolwa udedelwe ngebheyili. Ayisiphathi kahle lento ngoba siyabona ukuthi ngelinye ilanga siyovuka sekuthiwa umsolwa udedeliwe singazi kanjani. Sesisaba nokuthi njengoba kushintshwa izinsuku enkantolo thina singazi kungenzeka liqulwe bese liyasulwa ngoba kuthiwa umndeni awufiki enkantolo njengoba kuyithina ofakazi ecaleni namanye amalungu omphakathi,” kubeka yena .

Uthe nomphakathi wakule ndawo uthole ukuphoxeka ngesikhathi ufika enkantolo uthi uzoseseka kodwa kwathiwa icala seliqulwe laphela.

“Ngisho amaphoyisa ekade ezoqapha isimo nawo afike sekuthiwa sekuphelile. Icala elinjani eliqulwa kungekho muntu ezinkantolo ekuseni ngovivi. Baphinde bangafuni ngisho ukusinikeza izizathu zokuthi kungani belihlehlisile? Ngesikhathi benquma ukudedela umsolwa ngebheyiili abakaze basibuze nokuthi sizizwa siphephile yini noma basinikeze isiqiniseko sokuphepha kwethu.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.