Umnyango udingide ngezinkinga komasipala KwaZulu-Natal

2018-05-16 06:00

ISAYINKINGA indaba yezingqalasizinda ezindala nezingasekho esimweni komasipala abaningi KwaZulu-Natal.

Lokhu kuvezwe inhloko yoMnyango wezokuBusa nokuBambisana naboMdabu (Cogta) uMnuz Thando Tubane ngoLwesine olwedlule mhlaka-3 kuNhlaba (May) esithangameni sabezindaba ngaphambi kokuba uNqgongqoshe walo mnyango uNkk Nomsa Dube-Ncube ethule isabelo zimali salo mnyango semali engu -R1,6 million sangonyaka wezi-2018/19.

UMnuz Tubane uthe ingqalasizinda akusiyo inkinga yalo mnyango kuphela kodwa iyinkinga kuhulumeni kazwelonke.

“Inkinga enkulu ekhona ngengqalasizinda komasipala ukuthi zindala. Omasipala kumele beqale babeke eceleni imali yokunakekelwa kwengqalasizinda esabelweni semali.”

Uqhube wathi kuphinde kube nenkinga yokungabikho kwamanzi ezindaweni eziningi. Omasipala kumele bezame ukwenza isiqiniseko sokuthi abagcini sebesebenzisa kakhulu amaloli athwala amanzi ngoba lokho kudla izizumbhulu zemali.

“Omasipala kumele benze isiqiniseko sokuthi uma besebenzisa amaloli athutha amanzi akubi yinto eqhubeka isikhathi eside.

“Siyazi ukuthi abantu ngeke baze bahlale bengenawo amanzi kodwa kumele kubhekwe ezinye izindlela zokubahlinzeka ngamanzi.”

UMnuz Tubane usho lokhu nje indawo yaKwaPhupha nase-Bulwer e-Willowfontein inesikhathi esingaphezu kweminyaka emibili ingenawo amanzi.

Kwezinye izingxenye zakule ndawo ayabuya aphinde ahambe kanti kwezinye selokhu agcina ukubakhona ngo-2016.

Umasipala usebenzisa amaloli athwala amanzi ukuhlinzeka lo mphakathi.

Amalungu alo mphakathi akhuluma ne-Echo ngaphambilini athi atshelwa ukuthi ingqalasizinda eseyindala ingakho benenkinga yamanzi. Lo mnyango uphinde waveza inkinga yokukhwabanisa nokusetshenziswa kwezimali ngokungemthetho komasipala abahlukene kubalwa kuwo noMsunduzi.

Lo mnyango kuyimanje uphenya amacala ayi-16 okukhwabanisa komasipala abahluke. UMnuz Tubane uveze ukuthi uMasipala Msunduzi usuphenywa nayihhovisi loMvikeli woMphakathi (Public Prosecuter).

“Akusilona uphenyo olulodwa oluqhubekayo kuMasipala uMsunduzi kodwa siwumnyango sinolwethu, ihhovisi lomvikeli womphathathi kanye noMnyango wezeziMali nawo uqhuba olwawo uphenyo ngezinsolo zokukhwabanisa. Uma ngabe seyikhona imiphu-mela izobe isibekwa emhlanganweni wesigungu sikamasipala bese kuthathwa isinqumo ngemuva,” kubeka yena.

Inkinga enkulu ekhona ngengqalasizinda komasipala ukuthi zindala. Omasipala kumele benze isiqiniseko sokuthi uma besebenzisa amaloli athutha amanzi akubi yinto eqhubeka isikhathi eside. Siyazi ukuthi abantu ngeke baze bahlale bengenawo amanzi kodwa kumele kubhekwe ezinye izindlela zokubahlinzeka ngamanzi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.