Umnyango ukhathazekile ngokugqekezwa kwezikole

2019-09-11 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweEsinye sezikole ezigqekeziwe ngempelasonto.

ISITHOMBE: sithunyelweEsinye sezikole ezigqekeziwe ngempelasonto.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNYANGO wezeMfundo esimfundazweni sakwaZulu-Natal usuzwakalise ukukhathazeka ngokunyuka kwezinga lokugqekezwa ezikoleni.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba kugqekezwe esikoleni sama banga aphansi iBhekamatshe Primary School ngeSonto ebusuku mhlaka- 1 kuMandulo (September) nalapho kuthathwe khona ukudla okuphakela izingane esikoleni.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo wayo othembekile, izigilamkhuba zingene ngopotsho oseduze kwalapho kulahlwa khona udoti wesikole zabe sezigqekeza isango elingenela emagcekeni esikole.

“Ama-rice amabili atholakale ngaphandle phambi komnyango wegumbi eligcina ukudla. Ngesikhathi othisha befike ekuseni ngoMsombuluko ibona ababone lomhlola. Sisathukile nje ukuthi ubani nje ongenza into efana nalena. Phela kulesi sikole akukaze kwagqekezwa ngaphambilini kuyaqala ngqa manje,” kubeka wona.

Kugqekezwa kulesi sikole nje ngesonto eledlule, ngoLwesithathu bekufike abenhlangano i-Gift of the Givers behambisana nabesitolo u-Makro nabafike bazonikela kubafundi bakulesi sikole ngempahla.

Izingane zesikole zize zaphakelwa ukudla sekuzophuma isikole njengoba bekusalindwe ukuba kuphinde kulethwe okunye ukudla bese ziyaphekelwa njengenjwayelo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi uthe bakhazekile futhi baphoxekile ngalesi sigameko. Uthe okwenza kube buhlungu kakhulu ukuthi kuntshontshwe ukudla okwenzelwe izingane eziphuma emakhaya ahlwempu ngempela.

“Uma ngabe untshontsha ukudla okufana naloku uthi izingane azidlelni? Kunezingane ezikoleni ezigcina ngokuthola into eya ngasethunjini esikoleni. Kusiphatha kabi ngempela ukuthi kunabantu abangantshontsha ukudla kwabantiu abaxakekile. Sizimisele ukusebenzisana nengalo yomthetho ukwenza isiqiniseko sokuthi abenzi bobubi babhadla ejele,” kubeka yena.

UMnu Mahlambi uthe cishe zonke izinsuku bahleli bethola umbiko othi kunesikole esigqekeziwe kulesi sifundazwe. Uthe loku sekungathi imfashini ukuba kuntshontshwe izinto zesikole.

“Lezi zigameko futhi zenzeka ezindaweni zasemalokishini kanye nasezindaweni zasemakhaya lapho sithi sizama khona ukuthuthukisa izikole zethu. Uma sike saletha into ezosiza isikole kungabe amakhompyutha okanye yini ngakusasa sivuka sekuthiwa kuntshontshiwe nokuyinto engasiphathi neze kahle,” kubeka yena .

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko. Uthe amaphoyisa aphenya icala lokugqekeza kodwa bekungakaboshwa muntu.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.