Umnyango uphendula ngelomtholampilo waseSobantu

2018-06-13 06:02

UMNYANGO wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal ugcine uphefumulile ngodaba lo mtholampilo osendaweni yaseSobantu osolwa ngokungasebenzi ngendlela egculisayo.

I-Echo ike yabika ngalolu daba oshicilelweni layo lango mhla zingama-31 kuNhlaba (May) nonyaka ngaphansi kwesihloko esithi ‘Bakhala ngokusebenza ngomtholampilo eSobantu’ nalapho umphakathi kade ukhala ngendlela lo mtholampilo osebenza ngayo.

Lo mphakathi ubukhala ngokuthi uchitha usuku lonke kulo mtholampilo ulinde ukusizwa ngenxa yokuhamba kancane komsebenzi. Ubuphinde ukhale nangokuthi abahlengikazi abakhona abenele kanti nalabo abakhona bathatha isikhathi sabo ukuthi basize umphakathi nokugcina sekwenza olayini bahambe kancane kuze kushaye isikhathi sokuvalwa kulo mtholampilo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo wesifundazweni uNkk Ncumisa Mafunda uthe bengumnyango sebezitholile izikhalo zomphakathi.

“Sizibonile izikhalazo zamalunga omphakathi asebenzisa lo mthalampilo kanti futhi sesizidlulisele kubaphathi bezempilo esiFundeni uMgungundlovu ukuba bazisukumele. Udaba lokushoda kwabahlengikazi asikwazi njengoba izincwadi zethu ziveza ukuthi lo mtholampilo unabahlengikazi abanele,” kuphetha yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.