UMongameli uvule inkundla yezokugijima

2019-01-23 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi uMongameli enikela ngemfaniswano yezemidlao eyahlukene.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi uMongameli enikela ngemfaniswano yezemidlao eyahlukene.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMONGAMELI wezwe laseingizimu Afrika uMnuz Cyril Ramaphosa uvule ngokusemthethweni inkundla yezokugijima eMgungundlovu.

Le nkundla eyaziwa ngokuthi i-Athletics Stadium ivulwe ngokusemthethweni ngoLwesine olwedlule mhla zili-10 kuMasingana (January).

le nkundla iphothulwe ngonyaka owedlule (2018) kanti ibize imali engaphezu kuka-R96 million.

Ekhuluma kuyona le nkundla ngalo uLwesine uMnuz Ramaphosa uthe lena ngenye yezinkundla ezisezingeni eliphezulu kakhulu ezweni laseNingizimu Afrika .

Uthe kubalulekile ukuthi kube khona izindawo ezifana nalena ekade ivulwa.

“Ukuvulwa kwalenkundla kukhuluma ngqo nalolu hlelo esizama ukulwenza nokukhuthaza ukuzibandakanya nezemidlalo ngenhloso yokuzigcina uphilile ngaso sonke isikhathi.Idolobha ollaseMgungundlovu silishayela ihlombe ngokuthi lisheshe liluqale loluhlelo lokuzivocavoca.

Siyathemba ukuthi njengoba sekukhona le nkundla miningi imincintiswano emikhulu kazwelonke okanye yomhlaba wonke ezokwenzeka khona la kuyona le nkundla ngoba ziningi kakhulu izimali ezikhishiwe ngesikhathi yakhiwa,” kubeka yena.

UMongameli uphinde wanikela ngezinto zokudlala ibhola ezikoleni eziyishumi esingaphansi kwesiFunda saseMgungundlovu. Kwezinye zeszikole ezihlomulile kubalwa iMvunulo Secondary School, Henryvile Primary, Ekukhanyeni Special School kanye nezinye.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.