Umphakathi udinwe wavala umtholampilo

2019-02-27 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUmphakathi udinwe wavala umtholampilo ngoMsombuluko.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUmphakathi udinwe wavala umtholampilo ngoMsombuluko.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wasendaweni yase-Sweetwaters ku-Ward 2 udinwe wavala umtholampilo iMpumuza ngoMsombuluko mhla zili-18 kuNhlolanja (February).

Lo mphakathi ukhala ngokuthi lo mtholampilo awubasizi ngalutho njengoba befika ekuseni ngehora lesine kodwa kuze kushone ilanga behleli khona bengalutholi usizo.

La malunga omphakathi abedinwe egane unwabu athi asekhathele ukukhuluma nobuholi bakulo mtholampilo kanye nakwisiFunda saseMgungundlovu kodwa asefuna ukukhuluma noNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni iKwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo ukuze ezomubikela ngezinkinga zawo.

Usihlalo wenhlangano yabantu besifazane kule ndawo ongathandanga ukuba kudalulwe igama lakhe utshele i-Echo ukuthi bazimisele ngokuthi bavale lo mtholampilo kuze kube kufika uDkt Dhlomo.Uthe makungukuthi uDhlomo akafiki basazoqhubeka bakumise ukusebenza kulo mtholampilo.

“Asilutholi usizo esiludingayo kulo mtholampilo. Sifika ekuseni ngovivi kodwa abasebenzi baze baqale ukusebenza sekuyoshaya ihora lesishiyagalolunye (9 am). Kwesinye isikhathi uthi uyafika uzolanda amaphilisi bakutshele ukuthi amaphilisi awekho awakafiki kodwa kuthi uma ngabe kufonelwa esibhedlela i-Edendale kuthiwe amaphilisi alethiwe emtholampilo kodwa thina asiwatholi sitshelwa ukuthi awekho awafikanga.

“Umphakathi uhlala emnyango unethwe yizimvula ushiswe yilanga ngesikhathi ulinde ukusizakala ngoba akukho ngisho uphahla lapho belinda khona.

“Udaba lophahla kade lwalukhulunywa kusukela ngonyaka wezi-2017 ngesikhathi umphakathi umashele kuwona lo mtholampilo. Kwafika abaholi besiFunda saseMgungundlovu basitshela ukuthi bazobuya ukuze kulungiwe lolu daba kodwa kuze kube yimanje asikaze sitshelwe lutho futhi akukho okwenzakalayo. Sikhathele manje asisafuni lutho sesifuna ukuthi kufike ungqongqoshe uqobo lwakhe,” kubeka yena.

Amanye amalunga omphakathi athe inkinga enkulu ababuye babhekane nayo ukuthi bagcina izinto eziningi sebezenzelwa onogada kanye nabantu abahlanza umtholampilo ngoba abasebenzi bematasa bexoxa izindaba okanye bengekho bonke beye etiyeni.

“Amakhadi ethu agxivizwa onogada, sihlolwa i-BP abantu abangesibona abahlengikazi ngoba besizwela nathi sifuna ukuqeda sigoduke sibuyele emakhaya.Uma kuke kwashaya ihora lesibili (2 pm) abahlengikazi bavele basitshele ukuthi alikho ikhadi abasazolithatha okusho ukuthi abasabamukeli abantu abasha. Abanye abantu baze bancamele ukuthi bagibele baye kothola usizo kumtholampilo osedolobheni ngoba bedinwa wukuthi abalutholi usizo emtholampilo wangakubo,” kubeka elinye ilunga lo mphakathi ebelidinwe ligane unwabu langafuna nokuzidalula igama lalo.

Lo mphakathi uphinde ukhale ngokuthi abasebenzi bakulo mtholampilo bavele bahambe bonke ngesikhathi esifanayo bathi baya ekhefini bese kusala kungekho muntu osiza umphakathi.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Sbusiso Sithole naye ogcine efikile ukuzozibonela isimo kulo mtholampilo uvumile ukuthi zikhona izingqinamba ezikhona ezibhekene nalo mtholampilo kodwa wathi uyakuphika ukuthi awuwusizi umphakathi. “Siyazi ukuthi kunenkinga yokushoda kwabasebenzi kulo mtholampilo nengingasho ukuthi kubuye kube nomthelela nakho ekuhambeni kancane komsebenzi.Udaba lompheme ngiyalwazi nalo ngihleli ngithi ngiyalulandela ukuthi kungabe yini evimbile ukuthi ufakwe kodwa angizitholi izimpendulo. Lo mtholampilo ubhekelele amawadi amane kanti nawo lawo mawadi inani lawo selikhule kakhulu manje ...” kubeka yena.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni uNcumisa Mafunda uthe umnyango uyazizwa izikhalo eziphakanyiswe umphakathi. “Umnyango uzozibheka lezi zikhalo eziphakanyiswe umphakathi.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.