Umphakathi ufuna kulungiswe udaba lokushoda kwamanzi

2019-08-14 06:00

UMPHAKATHI wasendaweni yaseNadi eSweetwaters uthi usukhathele inkinga yamanzi obhekene nayo.

Amalunga alomphalathi athi sekuphele isonto bengenawo amanzi empompini yabo kanti futhi akukho muntu obachazelyo ukuthi kungabe inkinga ikuphi okanye ukuthi amanzi azobuya nini.

Lo mphakathi uthi ukuhlupha kwamanzi kule ndawo sekudonse iminyaka kanti bebelokhu bethenjiswa njalo ukuthi inkinga izolungiswa kodwa akwenzeki lutho.

Ilunga lomphakathi elikhulume ne-Echo uMnu Sphesihle Shabalala uthe amanzi seloku ahamba ngoLwesithathu olwedlule mhla zingama-31 kuNtulikazi (July). Uthe nakuba azama ukubuya ngoMgqibelo awahlalanga isikhathi eside aphinde ahambe futhi.

“Ngaphambi kokuba uhambe uye kolala ntambama kumele uqale uhambe uyokha amanzi emfuleni oyidamu ukuze uzokwazi ukuthi ugeze ngawo ekuseni nezingane futhi zikwazi ukuthola amanzi okugeza uma ngabe seziya esikoleni. Nawo lamanzi esiwakhayo angcolile siwabanga nezinkomo awukwazi ngisho ukuthi ungathi uyawaphuza.

“Sesiside kakhulu isikhathi sithenjiswa ukuthi sizolungiselwa inkinga yamanzi kodwa kuze kube imanje ayikho nje into eyenzekayo. Ingako sesize singasakukhuthaleli ngisho ukubika uma ngabe amanzi ehambile ngoba vele asilutholi usizo,” kubeka yena.

Uqhube wathi into ehlupha kakhulu ukuthi uma ngabe ezohamba okanye ezobuya amanzi akekho umuntu obatshelayo.

“Uvele uthi uyahamba uyovula umpompi ufike komile amanzi engaphumi ungazi nokuthi uzokwenza njani. Uma ngabe futhi esebuya abuya isikhathi esincane ekubeni mayehamaba ehamba isikhathi eside.

“Mina nje amanzi okuphuza sengiwagcina emsebenzini ngoba ekhaya asinawo sinawokugeza nokuwasha esiwakha khona leli damu elingcolile,”kubeka yena.

Elinye ilunga lo mphakathi lithe okubaphatha kabi ukuthi uma ngabe manzi engekho abalethelwa ngisho iloli elithwala amanzi kodwa kumele bavele bazibonele ukuthi benza njani.

“Kuthiwa asiphile kanjani ngempela amanzi engekho Siyasaba phela ngeke size siphuze amanzi asemfuleni angcolile sizogula. Sesisaba nokuthi sizoguliswa ukuthi sigeza ngawo ngoba awahlanziwe nje. Into esiyifunayo ukuthi nje silungiselwe le nkinga yamanzi ukuze nathi sizokwazi ukuphila izimpilo ezejwayelekile njengabo bonke abanye abantu bakwenzinye izindawo abanamanzi,” kubeka lona.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Sbusiso Mtshali uthe zikhona vele izindawo ezinenkinga yamanzi e-Sweetwaters akusiyona indawo yaseNadi kuphela.

“Nami lapho ngihlala khona sike sivuke amanzi engekho kodwa abuye aphinde abuye. Siyaye siwunxuse-ke kodwa umphakathi ukuthi uma ngabe amanzi esehambe isikhathi eside basibikele ukuze sizobona ukuthi singabalekelela kanjani,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.